Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Izisebenzi zikamasipala zishaya amakhala ngosekhulumela i-ANC eKZN

Izisebenzi zikamasipala zishaya amakhala ngosekhulumela i-ANC eKZN

by | 11 March 2025

NguMnu Fanle Sibisi ojutshwe ukukhulumela ithimba eliqokelwe ukuvuselela i-ANC KwaZulu-Natal.

ZISHAYA amakhala izisebenzi zikaMasipala waseRichmond ngoMnu Fanle Sibisi oyisikhulu salo masipala, oseqokelwe ukukhulumela ithimba elijutshelwe ukuvuselela i-ANC KwaZulu-Natal.

USibisi – omenyezelwe nguNobhala-jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngenyanga edlule, esikhundleni sokukhulumela lolu hlaka – uyimenenja yezinhlelo zomphakathi (Corporate Services) kuMasipala waseRichmond.

NgokukaSection 56 womthetho olawula ukusebenza komasipala, umuntu osesebenzela inhlangano yepolitiki akakwazi ukuqhubeka asebenze kumasipala, futhi abe nesikhundla sokuphatha.

Umthombo ongaphakathi kuMasipala waseRichmond, uthi selokhu eqokiwe uSibisi njengomkhulumeli we-ANC, akayi emsebenzini, kanti akakesuli.

“Bekufanele esule zingakapheli izinsuku eziwu-7, kodwa ihhovisi lakhe lisekhona futhi naye useyisisebenzi sikamasipala,” kusho umthombo.

IMeya yaseRichmond, uMnu Bonginkosi Ngcongo, iziqhelelanisile nodaba lwalesi sikhulu.

“Kawubhali ngani ukuthi umasipala wethu uthole umbiko wemali ongenagcobho (clean audit), wajaha udaba lwezikhulu ezingakesuli emsebenzini? Umuntu ongakwazi ukuphawula ngalokhu yimenenja kamasipala, ngoba lo muntu okhuluma ngaye usebenza ngaphansi kwayo ngqo.

“Mina ngeke ngaphawula ngoba noma ngiyimeya, kodwa ngiyikhansela kumasipala. Umkhandlu kamasipala uzohlangana khona maduze nje, kube yiwona onqumayo ngesikhundla sikaSibisi,” kuchaza uNgcongo.

Ithintwa iMenenja kaMasipala, uMnu uBhekani Mswane, ithe iyalwazi udaba lukaSibisi.

“Engingakusho nje wukuthi uSibisi usahlabe ikhefu emsebenzini, akakesuli. Umthetho vele kawuvumi ukuba enze omunye umsebenzi ebe esaqashwe wumasipala. Udaba lwakhe luzokhulunywa, kodwa akakabi khona emsebenzini,” kusho uMswane.

Uthe umuntu ongaphendula ngalokhu nguMnu uMike Mabuyakhulu, ongumdidiyeli wethimba uSibisi alikhulumelayo. Ethintwa ngeSonto uSibisi uvumile ukuthi usasebenza kuMasipala waseRichmond, wathi okwamanje ubesahlabe ikhefu.

“Kawukho umthetho engiwephulile ngoba ngisaqashiwe kwamasipala. Yi-ANC ezonquma ngekusasa lami. Yinto ezokwenzeka maduze nje leyo. Okwamanje ngisekhefini ukuze ngijwayele lo msebenzi i-ANC enginike wona. Laba abathi kunomthetho engiwephulile, baphambanisa izinto.

“Kafushane nje, ngiseyisisebenzi sikamasipala, i-ANC yiyona ezonquma ukuthi ngizosebenza ngayiphi indlela,” kubeka uSibisi ngamafuphi.

UMnu uJeff Radebe nguyena ojutshwe wubuholi be-ANC kuzwelonke ukuhola ithimba lamalungu awu-67, elinikwe umsebenzi wokwakha kabusha le nhlangano KwaZulu-Natal. Leli thimba belivalelene eCoastlands Hotel, ePhoyinti, eThekwini, ilanga lonke ngeSonto, kunomhlangano wokucobelelana ngolwazi (workshop)

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...