Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Usuzotholakala emtholampilo nasezibhedlela umjovo wokuzivikela kwi-HIV

Usuzotholakala emtholampilo nasezibhedlela umjovo wokuzivikela kwi-HIV

by | 30 December 2025

UMNYANGO wezeMpilo eKZN  wethule  umjovo obizwa ngeLenacapavir “Lena”  okuhloswe ngawo ukugwema ukubhebhetheka nokuzivikela kwiHIV. Lo mjovo ujovwa kabili ngonyaka, uvikela ukutheleleka ngeHIV. 

Usetshenziswa ngabangakatheleki ngeHIV, abafuna ukuhlala bengenayo.

Umjovo uLena ngamafuphi, kawuzile ukuzongena esikhaleni samaphilisi iPrEp. Kepha iLena ingenye yezindlela ezingasetshenziswa ukuvikela iHIV-kulabo abakhohlwa wukuphuza amaphilisi okuzivikela (PrEp) nsukuzonke.

UMnyango wezeMpilo uthi ngenxa yokuthi abanye bazithola becwaseka, abanye bakhohlwa ukuphuza imshanguzo nsukuzonke, uLena uzoba yisisombululo. Lo mjovo uzoqala ukutholakala ezibhedlela nasemitholampilo ngoFebruary. 

UMnyango wezeMpilo uthi abantu kumele bakhumbule nawa amaphuzu amqoka ngalo mjovo:

  • Lo mjovo uvikela iHIV kuphela hhayi izifo zocansi okuyi-syphilis, igonorrhoea ne HPV. Lezi zigulo zibucayo futhi zingaholela ekufeni uma zingelashwa.
  • Umjovo uLena awukuvimbeli ukukhulelwa
  • Ama-condom asabalulekile ngoba yiwo avikela izifo zocansi (STIs) kanjalo nokukhulelwa
  • Ukusebenzisa izindlela ezifanele zokuzivikela, yizo ezizokusiza ukuba uphile impilo engcono nephephile. Lokho okungukusebenzisa ama-condom nezivikela nzalo okungaba umjovo, amaphilisi, i-implant nama-IUDs

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...