Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Usuzotholakala emtholampilo nasezibhedlela umjovo wokuzivikela kwi-HIV

Usuzotholakala emtholampilo nasezibhedlela umjovo wokuzivikela kwi-HIV

by | 30 December 2025

UMNYANGO wezeMpilo eKZN  wethule  umjovo obizwa ngeLenacapavir “Lena”  okuhloswe ngawo ukugwema ukubhebhetheka nokuzivikela kwiHIV. Lo mjovo ujovwa kabili ngonyaka, uvikela ukutheleleka ngeHIV. 

Usetshenziswa ngabangakatheleki ngeHIV, abafuna ukuhlala bengenayo.

Umjovo uLena ngamafuphi, kawuzile ukuzongena esikhaleni samaphilisi iPrEp. Kepha iLena ingenye yezindlela ezingasetshenziswa ukuvikela iHIV-kulabo abakhohlwa wukuphuza amaphilisi okuzivikela (PrEp) nsukuzonke.

UMnyango wezeMpilo uthi ngenxa yokuthi abanye bazithola becwaseka, abanye bakhohlwa ukuphuza imshanguzo nsukuzonke, uLena uzoba yisisombululo. Lo mjovo uzoqala ukutholakala ezibhedlela nasemitholampilo ngoFebruary. 

UMnyango wezeMpilo uthi abantu kumele bakhumbule nawa amaphuzu amqoka ngalo mjovo:

  • Lo mjovo uvikela iHIV kuphela hhayi izifo zocansi okuyi-syphilis, igonorrhoea ne HPV. Lezi zigulo zibucayo futhi zingaholela ekufeni uma zingelashwa.
  • Umjovo uLena awukuvimbeli ukukhulelwa
  • Ama-condom asabalulekile ngoba yiwo avikela izifo zocansi (STIs) kanjalo nokukhulelwa
  • Ukusebenzisa izindlela ezifanele zokuzivikela, yizo ezizokusiza ukuba uphile impilo engcono nephephile. Lokho okungukusebenzisa ama-condom nezivikela nzalo okungaba umjovo, amaphilisi, i-implant nama-IUDs

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...