Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungqongqoshe ukhathazwa ngamantombazane abeletha esemancane

Ungqongqoshe ukhathazwa ngamantombazane abeletha esemancane

by | 25 December 2024

NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, noNgqongqoshe wezeMpilo, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi, behalalisela owesifazane obelethe ngosuku lukaKhisimusi.

Ukhathazwe ngomama abaneminyaka ewu-15 ubudala uNgqongqoshe wezeMpilo uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi ngesikhathi ehambele izibhedlela, eyohalalisela omama ababelethe ngosuku lukaKhisimusi.

UNkk Simelane-Mngadi, ekhuluma emsakazweni iGagasi FM, uthe nakuba kukuhle ukwemukela umphefumulo emhlabeni, kodwa usakuthola kunzima ukuhalalisela amantombazane amancane kakhulu uma ebelethile.

Uthe uhlale eshumayela ivangeli lokuthi intsha izithibe ocansini. Unxuse nabesilisa ukuthi bayisukumele le yokukhulelisa amantombazane amancane njengoba kowesifazane okhulelwayo, kusuke kunesandla sowesilisa.

UNkk Simelane-Mngadi uthe kulolu suku lukaKhisimusi, mathathu amantombazane aneminyaka ewu-15 abesabelethile. Uhalalisela bonke omama ababelethe ngalolu suku, wafisela nezingane ezizaliwe impilo ende.

Khonamanjalo, noNdunanku waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli ubeyingxenye yalo mkhankaso wokuhambela izibhedlela, ukuyohalalisela omama nezingane ezizalwe ngalolu suku.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...