Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungqongqoshe ukhathazwa ngamantombazane abeletha esemancane

Ungqongqoshe ukhathazwa ngamantombazane abeletha esemancane

by | 25 December 2024

NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, noNgqongqoshe wezeMpilo, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi, behalalisela owesifazane obelethe ngosuku lukaKhisimusi.

Ukhathazwe ngomama abaneminyaka ewu-15 ubudala uNgqongqoshe wezeMpilo uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi ngesikhathi ehambele izibhedlela, eyohalalisela omama ababelethe ngosuku lukaKhisimusi.

UNkk Simelane-Mngadi, ekhuluma emsakazweni iGagasi FM, uthe nakuba kukuhle ukwemukela umphefumulo emhlabeni, kodwa usakuthola kunzima ukuhalalisela amantombazane amancane kakhulu uma ebelethile.

Uthe uhlale eshumayela ivangeli lokuthi intsha izithibe ocansini. Unxuse nabesilisa ukuthi bayisukumele le yokukhulelisa amantombazane amancane njengoba kowesifazane okhulelwayo, kusuke kunesandla sowesilisa.

UNkk Simelane-Mngadi uthe kulolu suku lukaKhisimusi, mathathu amantombazane aneminyaka ewu-15 abesabelethile. Uhalalisela bonke omama ababelethe ngalolu suku, wafisela nezingane ezizaliwe impilo ende.

Khonamanjalo, noNdunanku waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli ubeyingxenye yalo mkhankaso wokuhambela izibhedlela, ukuyohalalisela omama nezingane ezizalwe ngalolu suku.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...