Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IChiefs iwuletha eThekwini umdlalo weCaf

IChiefs iwuletha eThekwini umdlalo weCaf

by | 16 October 2026

ABATHANDI beKaizer Chiefs baKwaZulu-Natal bazozitika ngomdlalo wale kilabhu neRed Arrows yaseZambia, womlenze wesibili wokuhlungela isigaba samaqoqo seCaf Confederation Cup, ozokuba ngoLwesihlanu lomhla ka-23 ku-October ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium.

Amathikithi okubuka lo mdlalo abiza u-R80, kanti aseqalile ukudayiswa eComputicket nasezitolo zakwaShoprite/Checkers ezweni lonke.

Kwenzeka lokhu nje, asedayiswe wonke amathikithi okubuka iChiefs igadulisana ne-Orlando Pirates koweBetway Premiership ozokuba ngoMgqibelo womhla ka-31 wale nyanga ngo-15h00, eFNB Stadium, eSoweto.

Ezisematheni

Uthenjiswa umsebenzi ofike eMabhida efake ijazi lemfundo

Uthenjiswa umsebenzi ofike eMabhida efake ijazi lemfundo

“AKUBANGA lula ukungena enkundleni ngigqoke iminyezane yami yemfundo noqwembe lokucela umsebenzi ngoba baningi abebesho abakuthandayo, bengedelela, kodwa kangibanakanga ngoba bengizitshelile ukuthi kungenzeka kube khona ozokwazi ukungisiza.” Usho kanje uMnu Sibonelo...

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

KUBE yinjabulo kumalungu ebandla lamaRoma aKhatholika umhlaba wonke, umholi wawo omkhulu uPope Leo XIV ededelwa esibhedlela izolo ngoMgqibelo ngemuva kokuhlinzwa. UPope Leo ubelaliswe esibhedlela i-Agostino Gemelli University Hospital esiseRome, lapho ahlinzwe khona...

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele...