Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

by | 19 January 2025

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu.

UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka ewu-100 ngomhla ka-24 kuLwezi (November) nyakenye, wenzelwe isiphihli somcimbi obugabe ngezintshumayelo nomculo wokholo.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uNkk Mthembu uthe, uzizwa ebusisekile ngokufinyelela kule minyaka.

“Ngibonga uNkulunkulu ukuthi ngisadla anhlamvana, kusho lukhulu kimina lokhu,” kusho yena.

Uthe imfihlo yakhe yokuphila iminyaka emingaka, wuthando lwezingane zakhe, abazukulu nesizukulwane.

“Uthando lubalulekile ngoba ngimngaka nje, izingane zami zingiphatha kahle futhi ziyangihlonipha, nakuba sezashada zaba nemizi yazo,” echaza.

UNkk Mthembu ubusiswe ngezingane eziyishumi kodwa sekusele ezintathu kuphela. Uveze ukuthi enye imfihlo yakhe yiZwi likaNkulunkulu, athi uziphilisa ngalo.

“Sengimdala, angisayi esontweni kodwa angehlukani neBhayibheli lami, noma ngilala lihlale liseduze kwami. Leli nje ngisanda kulithengelwa,” kusho yena eligonile.

Utshele leli phephandaba ukuthi ugane eneminyaka ewu-20, umyeni wakhe wadlula emhlabeni ngo-1984.

“Akekho omunye umuntu wesilisa engimaziyo ngaphandle kwakhe, ngaqala ngaye ngagcina ngaye,” kusho yena ehleka.

Umcimbi wokubungaza uNkk Mthembu ubuhlelwe wuMasipala weTheku, ngaphansi kwekomidi eliholwa uMnu Nkosenhle Madlala, leGovernance.

UMadlala uhalalisele uNkk Mthembu ngesibusiso sokufinyelela kule minyaka. Uphinde wamfisela okuhle kodwa ngempilo yakhe nomndeni wakhe.

UNkk Jabu Gumede, okuyiyona yodwa indodakazi kaNkk Mthembu esadla anhlamvana, njengoba elanywa uMnu Agripa noMnu Lucky Mthembu ngokulandelana kwabo, uthe bayamhalalisela unina ngalesi sibusiso.

Uthe bakhule bangaka nje, yizimfundiso zakhe njengoba ebakhulise ngothando nobuqotho.

“Ubesititinya, asithume, asiqhube sisebenze uma sibuya esikoleni, kodwa siyambonga ngoba sikwazi ukumisa imizi yethu nje yingoba usikhulise kahle,” kusho uNkk Gumede.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...