Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuzocaca ngoLwesine ngesicelo sokususwa kwemantshi ecaleni lowayeyisikhulu samaphoyisa

Kuzocaca ngoLwesine ngesicelo sokususwa kwemantshi ecaleni lowayeyisikhulu samaphoyisa

by | 27 August 2025

NGUMNU Khephu Ndlovu owayeyisikhulu samaphoyisa aseBhekithemba.

KULINDELEKE ukuba kucace kusasa ngoLwesine ngesicelo sabameli babasolwa sokuba kuchithwe isinqumo, kuphinde kususwe imantshi esolwa ngokusebenzisa uhlelo lwezobuchwepheshe i-Artificial Intellegence (AI), ecaleni lowayeyisikhulu samaphoyisa aseBhekithemba, uKhephu Ndlovu nabane aboshwe nabo.

Lesi sinqumo besilindeleke ngoLwesihlanu olwedlule eNkantolo yesiFunda sasePinetown, kodwa kwangenzeka ngenxa yokungafiki komunye wabasolwa obesuka ejele laseWestville. UNdlovu usolwa ngokwamukela intshontsho lika-R120 000 ukuze anyamalalise idokodo lesihlobo sakhe esasiyinduna yaKwaNdengezi, esasibhekene necala lokubulala isishoshovu se-ANC, ngemuva kungaboni ngasolinye kubangwa ukudayiswa komhlaba ngokungekho emthethweni.

Kuleli cala uNdlovu owayesesigabeni sikaLt-Col ngesikhathi eboshwa nalaba aboshwe nabo okunguBonginkosi Dlamini, owayengukaputeni wamaphoyisa, ephenya icala ekwakumele kunyamalaliswe idokodo lalo, uSibongile Ndlovu, oyinkosikazi yenduna eyayiboshiwe, nowahambisa imali kuNdlovu, owayeyinduna uFelokwakhe Ndlovu nendodana yakhe uLindokuhle Ndlovu, balahlwa yicala ngoNdasa (March) kulo nyaka.

Bekumele bagwetshwe ngasekupheleni kwawo uNdasa, kodwa kwangenzeka ngezizathu ezehlukene. Phakathi kwazo kwagqama esokungatholakali kwezibonelo zamacala ezazisetshenziswe yimantshi uMnu Muntukayise Khumalo. Abameli babasolwa uMnu Andrew Matlamela noMnu John-Paul Broster bacela imantshi ukuba ibathumelele izigcinilwazi zomthetho eyayitomule kuzo lezi zibonelo.

Emuva kwalokho bayivimba ukuba ikhiphe isigwebo, bethi ngeke ikwazi ukugweba abasolwa ngoba isinqumo sayo sifana nesingekho uma izibonelo zingatholakali. Enkulumweni ILANGA elaba nayo noMatlamela ngenyanga eyedlule, wathi uhlangothi lwabameli babaso-lwa, lufake isicelo sokuba kuchithwe imantshi nesinqumo sayo kuleli cala.

UMatlamela wathi ukungatholakali kwezibonelo kuzo zonke izigcinilwazi zomthetho, kuqinisa izinsolo zokuthi imantshi isebenzise i-AI. Wathi ba-bheke kuzo zonke izigcinilwazi kodwa izibonelo kazikho, futhi nemantshi iyenqaba ukubahlinzeka ngazo.

Ngesikhathi kwethulwa ubufakazi, kubonakala ukuthi uFelokwakhe liyamgo-jela icala lokubulala, wahle-la nenkosikazi yakhe ukuba kukhokhelwe uNdlovu no-Dlamini ukuze banyamala-lise ubufakazi obuthile edokodweni lecala.
Kuthiwa uSibongile wa-hambisa u-R120 000 eDurban Central lapho kwakusebenza khona uNdlovu.

Kuvele ukuthi ngemuva kokwamukela le mali uNdlovu noDlamini baphazamisa ubufakazi njengoba kuthiwa uDlamini wayalela ufakazi oqanda ikhanda ukuba ahoxise isitatimende emaphoyiseni, bese ehoxa ekubeni ngufakazi wombuso.
Kuthiwa uNdlovu wasebenzisa isi-khundla sakhe ukuyalela amanye amaphoyisa ayesondelene nophenyo ukuba aqhele kulo.

Ngemuva kokuboshwa uNdlovu owabe eyisikhulu samaphoyisa eBhekithemba, nomkhulumeli wawo esiFundeni saseThekwini, wathatha umhlalaphansi.
ngubo@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...