Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UNgqongqoshe wezeMpilo uthi iyakhathaza eyokukhulelwa kwamantombazane asemancane

UNgqongqoshe wezeMpilo uthi iyakhathaza eyokukhulelwa kwamantombazane asemancane

by | 25 December 2025

UNGQONGQOSHE wezeMpilo uNkk Nomagugu Mngadi uthi nakuba kujabulisa ukubona izingane ezizalwa ngalolosuku lukaKhisimusi kepha kuyishwa ukuthi phakathi komama abazele kukhona namantombazane asemancane. 

“Kuyinkinga ukuthi phakathi komama abazele namhlanje kukhona nabawu 3 abaneminyaka yobudala ewu 15. Ababili banelethele eMahatma Gandhi Memorial Hospital, owesithathu ubelethele ePrince Mshiyeni Memorial Hospital. Obaba balezi zingane baneminyaka ewu 17, 18 no 19,” esho. Uthi lokhu akwenzeki ngoKhisimusi kuphela kepha sekujike kwayinhlalayenza. Ungqongqoshe ubekhuluma ngesikhathi ehamba nethimba loMnyango wezeMpilo lizokwamukela izingane eLadysmith Regional Hospital.

Kanti eGJ Crookes  Hospital naseQueen Nandi Regional Hospital, amantombazane abeneminyaka ewu 16.  Oyedwa ukhuleliswe wumfana ona 18 iminyaka, lo omunye ukhuleliswe yindoda ena 32 iminyaka.

Bese kuthi amantombazane aneminyaka ewu 18 abelethiswe kulezi zibhedlela ezilandelayo, eVictoria Mxenge, eSt Mary’s, eTshelejuba, eNkonjeni, eGJ Crookes naseCharles Johnson.

Unxuse amadoda amadala ukuthi ehlukane nezingane, wathi mawabuyelwe unembeza ngoba muhkulu umonakalo awudalayo. “Iyani kontanga benu! Yekani ukuqinela abantwana bethu!!!

Wanxusa abazali ukuthi basondelane nezingane zabo baxoxe ngezinto ezithinta ubudlelwano, ezocansi nokuhlelwa komndeni nokuzivikela kwiHIV.

Ezisematheni

Ukunqoba kwezokuchibiyela kumnika ugqozi uNtuli

Ukunqoba kwezokuchibiyela kumnika ugqozi uNtuli

UKUNQOBA ezinkethweni zokuchibiyela kuMasipala waseThekwini nowaseMuziwabantu kunika ugqozi uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni), ongundunankulu wesifundazwe. UNtuli ekhuluma nabezindaba izolo ngeSonto emcimbini wokwethulwa kukasomqulu...

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

NGABESIFAZANE Abebeyingxenye yengqungquthela ye-IFP yokwethulwa kukasomqulu wezethembiso zokhetho. UPHAKAMISE ukuba kubizwe imbizo yamadoda ukulwa nesihlava sokubulawa kwabesifazane esidlangile kulezi zinsuku esifundazweni iGauteng, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini...

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...