
UNGQONGQOSHE wezeMali uMnu Enoch Godongwana uthi isabelomali esisha sizokwethulwa ngomhla ka-21 kuNhlaba (May).
Lokhu kulandela ukuhoxiswa kwesinqumo sokwenyuswa kwentela yokuthenga iVAT ngo-0.5% iminyaka emibili.
UNgqongqoshe uthe isimo ababhekene naso sobuhixihixi mayelana nesabelomali yinto entsha njengoba i-ANC ibisiphasisa kalula phambilini njengoba beyinezinombolo ezenele ePhalamende.
Uthe lolu hlelo lube bucayi kulo nyaka ngenxa yokushintsha kwezimo zepolitiki njengoba izwe selibuzwa yinhlanganisela yamawembu ebizwa ngeGNU. Ngemuva kokwethulwa ePhalamende, isabelomali esisha kulundelwe ukuba siphinde sivotelwe ePhalamende.
UGodongwana uveze nokuthi iminyango kahulumeni izoqhubeka ngesabelomali sangonyaka odlule ngesikhathi kusadingidwa indaba yebhajethi yakulo nyaka.







