Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Siphezulu isibalo sabokufika kumaZama Zama atakulwayo

Siphezulu isibalo sabokufika kumaZama Zama atakulwayo

by | 16 January 2025

Siphezulu isibalo sabokufika abangabavukuzi abangekho emthethweni, oZama Zama, abakhishwa emgodini wemayini si-Stilfontein, eNorth West.

Kusuka ngoMsombuluko uhulumeni uqale uhlelo lokutakula ama-Zama Zama asebehlale isikhathi eside kulo mgodi wemayini omdala, kanti kusukela luqalile lolu hlelo sekukhishwe abantu abangaphezu kuka-200.

Ngokusho kwebamba loMkhuzi wamaPhoyisa eNorth West uLt-Gen Patrick Asaneng, kusuka ngoMsombuluko sekukhishwe kwaboshwa abantu abawu-246, okungabawu-128 base-Mozambique, abawu-80 base-Lesotho, abawu-33 base-Zimbabwe nabawu-5 bakuleli.

U-Aseneng uphinde waqinisekisa ukuthi kuphinde kwakhishwa nezidumbu eziwu-78, isibalo sabashonile singaphezulu kwalesi esikhishwe ngamaphoyisa njengoba emasontweni edlule ngaphambi kokuqala kwawo uhlelo lokutakula amalungu omphakathi abezitakulela akhipha izidumbu ezicela kweziwu-9.

Lolu daba selubuya nasezinkantolo lapho izinhlangano zamalungelo abantu zazifuna kuphoqwe uhulumeni ukuba akhiphe laba bavuki.

Baveza ukuthi ngeke bakwazi ukuziphumela ngale kosizo lukahulumeni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...