Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UNtuli ugxeka ukuphathwa kwezinhlokohlela zezibhamu esidlangaleni

UNtuli ugxeka ukuphathwa kwezinhlokohlela zezibhamu esidlangaleni

by | 13 August 2025


UPHUMELE obala, wagxeka umkhuba owenziwa ngonogada abaqashelwe ukugada iziqumama nezikhulu uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli.

UNtuli ubethula inkulumo yosuku emcimbini wokugujwa kosuku lwabesifazane ngoMgqibelo. Lo mcimbi ububanjelwe ehholo iNkosi Mzondeni, KwaMsane, eMtubatuba.

UNtuli uthe kuyawuhlukumeza umphakathi ukubona izibhamu ezinkulu esidlangaleni.

“Bakwethu, sengathi ngalolu suku singasukuma sonke sisho ngazwi linye ukuthi maluphele udlame lokubulawa kwabantu besifazane.

“Muva nje kunowesilisa ongibhalele incwadi evulelekile ephephandabeni ILANGA, egxeka lo mkhuba wokwanda konogada abaphatha izibhamu ezinkulu esidlangaleni.

“Ngalolu suku ngikhipha umyalezo wami wokuthi mawuphele lo mkhuba wokuphathwa kwezibhamu ezinkulu. Onogada abagada abantu bangakwazi ukukwenza lokho bephethe izibhamu ezifakwa ngaphansi, zingavezwa obala.

“Nalabo abagadwayo kufanele bayibheke le nto ngoba iyawuhlukumeza umphakathi. Kuyakhathaza ukuthi nasezinxanxatheleni zezitolo kuyaye kuthi kungazelele muntu, kubonakale sekutheleka abantu behlome ngezinhlokohlela zezibhamu.

“Laba abaphatha izibhamu bahlupha ngokuthi bahamba beziqhakambisa noma ngabe yikanjani. Lokhu kuwukubukisa nje okungenasidingo. Siwuhulumeni sinenselelo yokuba sibuyekeze imithetho elawula ukuphathwa kwezibhamu. Ukhona umthetho olawula ukuphathwa kwezibhamu,” kusho uNtuli.

Maqondana nezinselelo zabesifazane, uthe uhulumeni wakulesi sifundazwe uqale izinhlelo zokwandisa amaphoyisa azobhekana ngqo nodlame lokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

“EJozini sinesikhungo esiqondene namacala athinta ukuhlunyezwa kwabantu besifazane. Sikhona naseMajuba isikhungo salolu hlobo. Sibuye sasungula ne-App kamakhalekhukhwini enebhathini elicofozwayo uma kunenkinga ukuze ohlukunyezwayo ezokwazi ukuthola usizo ngokushesha.”

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...