Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNtuli ukhale ngesihlava ezokweseka umndeni wakwaMjilo kuvela umsolwa

UNtuli ukhale ngesihlava ezokweseka umndeni wakwaMjilo kuvela umsolwa

by | 6 January 2025

UNDUNANKULU waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli ukhale kakhulu ngesihlava sokubulawa kwabesifazane esibonakala singapheli esifundazweni ngesikhathi ehambele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko lapho bekuvela khona umuMnu Mfanafuthi Kunene (37) osolwa ngokubulala uNkz Ayabonga Mjilo (23).

UNtuli uthe izinhlaka ezifana nobuholi bendabuko nazo kumele zisebenzisane nohulumeni ukuzama ukuthola isixazululo kule nkinga.

Kuye ngamagama enkehli ezifikela mathupha enkantolo yaseThekwini lapho bekuvele khona lo msolwa ovele kafushane ngaphambi kokuthi icala lakhe lihlehliswe.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kwezindaba zokutholakala kwesidumbu sale ntokazi sigqitshwe lapho kuhlala khona umsolwa, uNtuli wamemezela ukuthi uzozifikela mathupha enkantolo uma lo msolwa esevela, ukuzokweseka umndeni.

Ubonakale ekhuluma nodadewabo kaNkz Mjilo.

Umsolwa ubhekene necala lokubulala, elokuthumba nelokuzama ukudidisa ukusebenza komthetho.

Uzoze abuyele enkantolo ngomhla ka-26 ku-February.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...