Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UNtuli ukhale ngesihlava ezokweseka umndeni wakwaMjilo kuvela umsolwa

UNtuli ukhale ngesihlava ezokweseka umndeni wakwaMjilo kuvela umsolwa

by | 6 January 2025

UNDUNANKULU waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli ukhale kakhulu ngesihlava sokubulawa kwabesifazane esibonakala singapheli esifundazweni ngesikhathi ehambele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko lapho bekuvela khona umuMnu Mfanafuthi Kunene (37) osolwa ngokubulala uNkz Ayabonga Mjilo (23).

UNtuli uthe izinhlaka ezifana nobuholi bendabuko nazo kumele zisebenzisane nohulumeni ukuzama ukuthola isixazululo kule nkinga.

Kuye ngamagama enkehli ezifikela mathupha enkantolo yaseThekwini lapho bekuvele khona lo msolwa ovele kafushane ngaphambi kokuthi icala lakhe lihlehliswe.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kwezindaba zokutholakala kwesidumbu sale ntokazi sigqitshwe lapho kuhlala khona umsolwa, uNtuli wamemezela ukuthi uzozifikela mathupha enkantolo uma lo msolwa esevela, ukuzokweseka umndeni.

Ubonakale ekhuluma nodadewabo kaNkz Mjilo.

Umsolwa ubhekene necala lokubulala, elokuthumba nelokuzama ukudidisa ukusebenza komthetho.

Uzoze abuyele enkantolo ngomhla ka-26 ku-February.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...