Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo sihoxise uMfu Buthelezi kwesobuNdunankulu kaZulu

ISilo sihoxise uMfu Buthelezi kwesobuNdunankulu kaZulu

by | 27 December 2024

ISILO samaZulu uMisuzulu kaZwelithini uselihoxisile igama likaMfu Thulasizwe Buthelezi esikhundleni sokuba nguNdunankulu kaZulu.

Ngokwencwadi ILANGA eliyibonile okuthiwa ithunyelelwe amakhosi iSilo simemezele ukuhoxisa igama likaMfu Buthelezi.

Kule ncwadi iSilo siveze ukubaluleka kwalesi sikhundla ukuhlanganisa indlunkulu nesizwe samaZulu.

Sithe okwamanje ngeke sikwazi ukudalula imininingwane ngokuhoxiswa kwegama likaMfu Buthelezi kulesi sikhundla ngenxa yokuthi sisagongqile emphakathini kuze kuphele uJanuary 2025.

Sinxuse ubumbano esizweni ngalesi sikhathi lapho kumele kuqale uhlelo lokuqoka undunankulu kaZulu omusha.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMfu Buthelezi uke wabasematheni esanda kuqhoqhobala lesi sikhundla ngesikhathi kunomcimbi waseSandlwana lapho uMnu Siboniso Duma waze wamphuca nombhobho wokukhuluma emsola ngokona umcimbi ngenkulumo yakhe yokwethula iSilo.

Uphinde waba sematheni nangesikhathi kunamakhosi ahamba ayocela iNkosi yakwaButhelezi uZuzifa Buthelezi ukuthi kube nguyena owaxhumanisa neSilo njengoba ayengahambisani noMfu Buthelezi kulesi sikhundla.

Ezisematheni

Bayanyaniswa nobugebengu abalisa (5) ababulawe eNanda

Bayanyaniswa nobugebengu abalisa (5) ababulawe eNanda

BAYANYANISWA nezigameko zobugebengu nokuhlukunyezwa komphakathi abesilisa abayisihlanu okunezinsolo zokuthi babulawe ngamalungu omphakathi, usukhathele wukubekezelela ukuziphatha kwabo budlabha. Izidumbu zabafi zitholakale zinamanxeba okushaywa nokugencwa enkundleni...

Wesulile esikhundleni obengumgcinimafa weMK Party

Wesulile esikhundleni obengumgcinimafa weMK Party

Iqembu Umkhonto weSizwe (MK) Party selimemezele ukuthi usesulise esikhundleni sakhe uDkt Thanti Mthanti obengumgcinimafa-jikelele walo. Leli qembu lithi umholi walo, uMnu Jacob Zuma, uthole incwadi yokwesula kukaMthanti kuleli sonto, futhi wasemukela isicelo sakhe....

Kutholwe izidumbu zabahlanu ‘abasolwa ngobugebengu’ zigengciwe

Kutholwe izidumbu zabahlanu ‘abasolwa ngobugebengu’ zigengciwe

Kutholakale izidumbu zabesilisa ezinhlanu zinamanxeba okugencwa eNanda, eThekwini, eduze kwesikole iNanda Comprehensive High School, namuhla ngoLwesihlanu ekuseni. Ngokombiko wenkampani yonogada ezimele iReaction Unis SA (Rusa) lezi zidumbu zitholwe ngumuntu...