Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo sihoxise uMfu Buthelezi kwesobuNdunankulu kaZulu

ISilo sihoxise uMfu Buthelezi kwesobuNdunankulu kaZulu

by | 27 December 2024

ISILO samaZulu uMisuzulu kaZwelithini uselihoxisile igama likaMfu Thulasizwe Buthelezi esikhundleni sokuba nguNdunankulu kaZulu.

Ngokwencwadi ILANGA eliyibonile okuthiwa ithunyelelwe amakhosi iSilo simemezele ukuhoxisa igama likaMfu Buthelezi.

Kule ncwadi iSilo siveze ukubaluleka kwalesi sikhundla ukuhlanganisa indlunkulu nesizwe samaZulu.

Sithe okwamanje ngeke sikwazi ukudalula imininingwane ngokuhoxiswa kwegama likaMfu Buthelezi kulesi sikhundla ngenxa yokuthi sisagongqile emphakathini kuze kuphele uJanuary 2025.

Sinxuse ubumbano esizweni ngalesi sikhathi lapho kumele kuqale uhlelo lokuqoka undunankulu kaZulu omusha.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMfu Buthelezi uke wabasematheni esanda kuqhoqhobala lesi sikhundla ngesikhathi kunomcimbi waseSandlwana lapho uMnu Siboniso Duma waze wamphuca nombhobho wokukhuluma emsola ngokona umcimbi ngenkulumo yakhe yokwethula iSilo.

Uphinde waba sematheni nangesikhathi kunamakhosi ahamba ayocela iNkosi yakwaButhelezi uZuzifa Buthelezi ukuthi kube nguyena owaxhumanisa neSilo njengoba ayengahambisani noMfu Buthelezi kulesi sikhundla.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...