Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kusolwa owaseZion ngokudlwengula umfelokazi kamfowabo

Kusolwa owaseZion ngokudlwengula umfelokazi kamfowabo

by | 24 August 2025

UHLANGABEZANE nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili omunye wabaholi bebandla lamaZayoni elidumile kuleli, emashelwa ngamalungu ebandla ngoba eyanyaniswa nezinsolo zokunukubeza ngokocansi umfelokazi kamfowabo.

Ingxenye yamalungu ebandla iBelievers In Christ Ministry (BIC) igasele ekomkhulu lebandla ePace College, eJabulani, eSoweto, eGauteng. ILANGA liqoke ukuligodla igama lalo mholi ngenxa yezizathu zomthetho.

Lo mholi usolwa ngokulala ngenkani nenkosikazi kamfowabo osanda kudlula emhlabeni.

Amalungu ebandla abemasha abesekwe yizinhlangano zomphakathi ezilwela amalungelo abesifazane – okuyiZion Prayer.Com, neMbali Nothando Foundation. Lezi zinhlangano zikhiphe izitatimende zichaza ngokungenelela kwazo kulolu daba.

Umsolwa kuthiwa waqala ukugila isisulu ngaphambi kokuyiwe enkonzweni yePhasika. Leli phephandaba linayo inkulumo eqoshiwe lapho khona isisulu sizwakala sichaza ngokwenzeka.

“Waqala ukungenza le nto ngaphambi kokuba kuyiwe enkonzweni yePhasika kulo nyaka. Uyaye afike lapha e-Orange Farm. Ngithule nayo le nto kodwa ngagcina ngiyikhulumile kwenye yamadodakazi ami.

“Bengingafisi ukuthi indodana yami iyazi lento yokuthi nginukubezwa ngubaba wabo omdala. Ngenxa yalesi simo ngigcine sengithathe isinqumo sokuba ngihlale phansi, ngingabe ngisaya esontweni ngoba ngiyehluleka ukubhekana naye,” kusho isisulu.

Ubuholi baleli bandla bukhiphe isitatimende bunxusa isisulu ukuba sibike udaba ezinhlakeni zezomthetho.

“Ibandla lasungulwa eminyakeni engamashumi amane edlule. Lisungulwe ngaphansi kwemithetho yokukholwa nokulawulwa kwezwe. Siyibandla elingahambisani nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane,” kusho isitatimende.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uLt-Col Mavela Masondo uthe kuvulwe icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa aseFlorida.

Ezisematheni

Uyaxolisa umphathi weKZNA obonakale elwa nomgijimi

Uyaxolisa umphathi weKZNA obonakale elwa nomgijimi

UMENGAMELI weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSteve Mkasi uthi uyazisola kakhulu ngokwenzekile lapho ebonakala kwiVideo elwa nomgijimi, egcwele ezinkundleni zokuxhumana. "Ngiyazisola kakhulu ngesenzo sami, sokuzithola ngikulesa simo obekuyinto ebengingayigwema. Ngibe...