Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kugcagcwe kwembulwa kwembeswa kumkhwenyana esibhedlela

Kugcagcwe kwembulwa kwembeswa kumkhwenyana esibhedlela

by | 15 March 2026

USABABAZA umphakathi waseMzinyathi, eNanda, obuyingxenye yomgcagco obukule ndawo, oqhubeke umkhwenyana elwela impilo yakhe esibhedlela ngemuva kokulimala eklajwa yi-grinder ebusweni nasekhanda, sekusele izinsuku ezine ashadelwe ngeSonto.

ILANGA likwazile ukukhuluma nabantu abebesemgcagcweni obuqhutshwa ngokohlelo lwamaNazaretha. Bonke bebebabaza indlela alimale ngayo umkhwenyana, nokuqhubeka komshado wakhe elele esibhedlela, kungaziwa noma uzosinda yini. Lesi simo umphakathi uthe uyaqala ukusibona senzeka endaweni.

Bekugcagca uMnu Xolani Gcwensa noNkz Khanyisile Mthembu, bobabili abangamaphoyisa, futhi abangamaNazaretha. Kulo mgcagco kuze kwaphoqeleka ukuba umkhwenyana amelwe ngomunye wabafowabo, njengoba ubengeke akwazi ukuphuma esibhedlela ayogcagca, ngendlela okuthiwa ulimale ngayo.

Ibikhulunyelwa phansi indaba, iningi labantu endaweni, besaba ukuyikhuluma ngokukhululeka. Elinye ilungu lomphakathi ebelikhona emgcagcweni, elingathandanga ukudalulwa, lithe wonke umuntu usamangele ngesehlakalo.

“Kasikaze siyibone into enje. Umshado uqhubekile, kodwa bekubonakala ukuthi umakoti akeneme, kodwa ezama ukuziqinisa. Umkhwenyana uyiphoyisa, kodwa ubebuye enze imisebenzi yezandla, ekwazi ukufakela abantu ugesi endaweni, esebenzisa yona i-grinder.

“Kayikaze imlimaze, futhi sekunesikhathi ewenza lo msebenzi. Okwenzeke ngoLwesithathu kusimangazile sonke njengoba ethe uyasika nge-grinder, yavele yaphunyuka, yamklabha ubuso yaze yadlulela ekhanda. Uphuthunyiswe esibhedlela kukubi ikhanda libanjiwe, bekungathi lifuna ukuhlukana phakathi. Bese sizitshela ukuthi ngeke usaqhubeka umgcagco,” kusho leli lungu lomphakathi.

Umakoti obegcagca uNkz Khanyisile Mthembu, unewele lakhe, uMnu Nkazimulo Mthembu, obesinisa udadewabo. ILANGA  likwazile ukukhuluma newele likamakoti, uMthembu osiqinisekisile lesi sigameko.

“Bafowethu kuyisimo esibucayi lesi engingakholwa ukuthi udadewethu angakwazi ukukhuluma ngaso manje, njengoba nomkhwenyana wakhe engakaphumi esibhedlela. Okwesibili kangiboni abakwaGcwensa bezomvumela ukuthi kube khona akukhulumayo manje, njengoba esengumakoti wakhona, uselawulwa khona.

“Usbari ulimale kakhulu, futhi ubese-ICU (Egunjini labagula kakhulu), kodwa usephumile khona, usesewadini esibhedlela. Umshado uqhubekile ngoba ngo-kwesintu, kawumiswa umshado,” kusho uMthembu.

Uzamile ukukhuluma newele lakhe efuna ukulixhumanisa nabezindaba, kodwa wabuyisa  impendulo ethi, kalifuni nokuyizwa eyokukhuluma nabezindaba ngalolu daba. Leli phephandaba lize lazama ukukhuluma nomkhongi kaGcwensa, uMnu Nhlanhla Ngidi, ovele wabhoka ngolaka uma kuthintwa lolu daba, wathi akukho azimisele ngokukusho.

UMthembu uyicacisile eyokumisa iwele lakhe ukuthi kuwumthetho ukuthi baphelezelane njengoba bengamawele, kuyona yonke into abayenzayo, njengoba bekukhona abebezitshela ukuthi nguyena ongumkhwenyana, bengazi ukuthi bangamawele.

Isazi samasiko, uSolwazi Sihawu Ngubane, sithe lo mgcagco ufana nento engekho njengoba umkhwenyana engabanga yingxenye yawo.

“Into ebalulekile wukuthi umakoti nomkhwenyana benze izifungo phambi kwephoyisa esigcawini. Uma kungenzekanga lokho, kufana nokuthi akushadwanga. Yize kuke kuthiwe umshado kawumi ngisho ngabe kushoniwe, kodwa kusuke kushiwo uma kungashonile abashadayo.   

“Nokumelwa ngomunye umuntu kusuke kwenziwa kumuntu osuke eshonile, edinga ukushadiswa. Akamelwa umuntu ephila emshadweni wakhe,” kusho uNgubane.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...