Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UNtuli uqhakambisa ezobuchwepheshe ukuthuthukisa iKZN

UNtuli uqhakambisa ezobuchwepheshe ukuthuthukisa iKZN

by | 17 October 2025

UQHAKAMBISE ezobuchwepheshe njengomgogodla wokuthuthukisa umnotho nokwakha amathuba emisebenzi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni ingqungquthela iDigital Transformation Summit, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.

UNtuli ubeyingxenye yokuqala kwale ngqungquthela ehlanganisa ongqongqoshe, izimeya, abaholi bendabuko, izifundiswa, izinhlaka zomphakathi nosomabhizinisi. Kule ngqungquthela kuzogxilwa kakhulu kwezobuchwepheshe ekuqoqeni ulwazi nokulusebenzisa ukusiza uhulumeni ukwazi ukubhekana nezinye izingqinamba.

Ngesikhathi uNtuli ethula inkulumo yakhe yokuqala njengondunankulu ngonyaka owedlule, wakubeka kwacaca ukuthi ezobuchwepheshe zizoba seqhulwini, njengoba akuveza ukuthi akafuni zigcine ngokutholakala ezindaweni ezingamadolobha amakhulu kuphela.

Ekhuluma kule ngqungquthela uNtuli, uthe kumele izinsiza zikahulumeni zikwazi ukwenza izinto zibe lula emalungwini omphakathi ngokusebenzisa ezobuchwepheshe. Uthe ezobuchwepheshe zaseKZN, kumele zikwazi ukuphinde zisheshe zikuvezele lapho kuqhubeka khona inkohlakalo nokukhwabanisa.

Uthe uhulumeni ohlanganisa amaqembu awuholayo, uzoqinisekisa ukuthi ubeka ezobuchwepheshe eqhulwini, ngenhloso yokuthuthukisa abantu bakulesi sifundazwe. Uzibophezele ukusebenzisana nezinkampani zezobuchwepheshe ezinombono ngekusasa lesifundazwe.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...