Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kudutshulwe kwashona omunye wabasolwa ngokubamba imoto yemali ku-N2

Kudutshulwe kwashona omunye wabasolwa ngokubamba imoto yemali ku-N2

by | 4 February 2025

BEBEFUNELWA amacala abucayi abasolwa abasolwa ngokubamba imoto yemali ku-N2 namuhla ekuseni.

Lokhu kuvele ngesikhathi amaphoyisa edubula ababili, kwaphangalala oyedwa omunye walimala kanzima emgaqweni uChe Guevara, eBerea eThekwini, ngoLwesibili ntambama.

Imibiko iveza ukuthi uphiko lwamaphoyisa oKlebe, amaphoyisa kaMasipala weTheku nenkampani yonogada ezimele iMagma bebesezithendeni zabasolwa belandela umkhondo kusuka ekubanjweni kwemoto yemali ekseni ngoLwesibili.

Kuthiwa amaphoyisa athole ulwazi kwizinhloli zawo abe eselandela imoto yohlobo lwe-VW Polo, okusolwa ukuthi abasolwa bayebe kwaMakhutha, azama ukuyimisa nokuyilapho abasolwa bevulele khona ngenhlamvu bebhekise kuwo, nawo abuyisela ngayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda uthi laba basolwa bebefunelwa uxhaxha lwamacala okubalwa kuwo awokubulala amahlanu, ukuthumba nokubamba imoto yemali.

Uthi emotweni abebehamba ngayo kutholakale isibhamu esicishwe izinombolo.

Uveze ukuthi amaphoyisa ayaqhubeka nokusebenza loludaba.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...