Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kudutshulwe kwashona omunye wabasolwa ngokubamba imoto yemali ku-N2

Kudutshulwe kwashona omunye wabasolwa ngokubamba imoto yemali ku-N2

by | 4 February 2025

BEBEFUNELWA amacala abucayi abasolwa abasolwa ngokubamba imoto yemali ku-N2 namuhla ekuseni.

Lokhu kuvele ngesikhathi amaphoyisa edubula ababili, kwaphangalala oyedwa omunye walimala kanzima emgaqweni uChe Guevara, eBerea eThekwini, ngoLwesibili ntambama.

Imibiko iveza ukuthi uphiko lwamaphoyisa oKlebe, amaphoyisa kaMasipala weTheku nenkampani yonogada ezimele iMagma bebesezithendeni zabasolwa belandela umkhondo kusuka ekubanjweni kwemoto yemali ekseni ngoLwesibili.

Kuthiwa amaphoyisa athole ulwazi kwizinhloli zawo abe eselandela imoto yohlobo lwe-VW Polo, okusolwa ukuthi abasolwa bayebe kwaMakhutha, azama ukuyimisa nokuyilapho abasolwa bevulele khona ngenhlamvu bebhekise kuwo, nawo abuyisela ngayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda uthi laba basolwa bebefunelwa uxhaxha lwamacala okubalwa kuwo awokubulala amahlanu, ukuthumba nokubamba imoto yemali.

Uthi emotweni abebehamba ngayo kutholakale isibhamu esicishwe izinombolo.

Uveze ukuthi amaphoyisa ayaqhubeka nokusebenza loludaba.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...