Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ‘Umbimbi’ olusha lwamaqembu epolitiki

‘Umbimbi’ olusha lwamaqembu epolitiki

by | 7 October 2025

KWETHULWE umfelandawonye wamaqembu epolitiki – ohlanganisa iRise Mzansi, iGood Party neBuild One SA (Bosa) – ngenhloso yokuthi “abelethane” uma sekuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya, olungonyaka ozayo.

Lo mfelandawonye obizwa nge-Unite For Change, kulindeleke ukuba ube nengqungquthela maduze, okuzokhethwa kuyona ubuholi bawo.

Abaholi bala maqembu amathathu, okunguNkk Patricia De Lille (Good Party), uMnu Songezo Zibi (Rise Mzansi) noMnu Mmusi Maimane (Bosa), bathi sekuyisikhathi sokuba abantu abanomqondo ofanayo, futhi abakholelwa kwiNingizimu Afrika engcono, bahlangane ngenhloso yokuvuselela leli lizwe.

UNkk De Lille uthe abantu bakuleli sebekhathele yinkohlakalo, sekuyisikhathi sokuba bathole ushintsho.
Ukhale ngokuthi iNingizimu Afrika imosha imali enkulu ngamakhomishini ekubeni ngabe isetshenziselwa ukugwema inkohlakalo ezinhlakeni zikahulumeni.

UMaimane unxuse osomabhizinisi nabantu “abalangazelele iNingizimu Afrika engcono” ukuba bahlangane, baweseke lo mfelandawonye njengoba uyisikhali sokukhipha izwe emakentangeni enkohlakalo, nasekugqozeni kwezidingo. Uqhube ngokucacisa ukuthi la maqembu azoqhubeka nokuzimela, kodwa azohlangana njengoba kubhekwe kulolu khetho.

Uthe kulo mfelandawonye bamema bonke abantu – ikakhulukazi intsha – ukuba babe yingxenye yawo.

“Sifuna kakhulu labo abazimisele ngokusebenzela umphakathi, hhayi abagaqele izikhundla,” kusho uMaimane.

UZibi uthe basazivulile izandla nakwamanye amaqembu anombono ofanayo. Uqhube ngokuthi bazimisele ngokuhlanganisa umqulu ozohambisana nombono walo mfelandayonye, owehlukile kweyamaqembu abo.

Uhambe emagameni kaMaimane, wathi basazoqhubeka nokumela amaqembu abo ePhalamende ngokwesivumelwano esikhona, esiqale ngemuva kokhetho lukazwelonke lwangonyaka odlule.

Uthe noma sesifikile isikhathi sengqungquthela yokukhetha ubuholi bomfelandawonye, akusho ukuthi kuzokhethwa kubona bobathathu kuphela.

“Uma bekhona abanye abangaba ngabaholi abangcono kunathi, amalungu anelungelo lokubaphakamisa ebuho lini,” kusho uZibi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...