Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ‘Umbimbi’ olusha lwamaqembu epolitiki

‘Umbimbi’ olusha lwamaqembu epolitiki

by | 7 October 2025

KWETHULWE umfelandawonye wamaqembu epolitiki – ohlanganisa iRise Mzansi, iGood Party neBuild One SA (Bosa) – ngenhloso yokuthi “abelethane” uma sekuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya, olungonyaka ozayo.

Lo mfelandawonye obizwa nge-Unite For Change, kulindeleke ukuba ube nengqungquthela maduze, okuzokhethwa kuyona ubuholi bawo.

Abaholi bala maqembu amathathu, okunguNkk Patricia De Lille (Good Party), uMnu Songezo Zibi (Rise Mzansi) noMnu Mmusi Maimane (Bosa), bathi sekuyisikhathi sokuba abantu abanomqondo ofanayo, futhi abakholelwa kwiNingizimu Afrika engcono, bahlangane ngenhloso yokuvuselela leli lizwe.

UNkk De Lille uthe abantu bakuleli sebekhathele yinkohlakalo, sekuyisikhathi sokuba bathole ushintsho.
Ukhale ngokuthi iNingizimu Afrika imosha imali enkulu ngamakhomishini ekubeni ngabe isetshenziselwa ukugwema inkohlakalo ezinhlakeni zikahulumeni.

UMaimane unxuse osomabhizinisi nabantu “abalangazelele iNingizimu Afrika engcono” ukuba bahlangane, baweseke lo mfelandawonye njengoba uyisikhali sokukhipha izwe emakentangeni enkohlakalo, nasekugqozeni kwezidingo. Uqhube ngokucacisa ukuthi la maqembu azoqhubeka nokuzimela, kodwa azohlangana njengoba kubhekwe kulolu khetho.

Uthe kulo mfelandawonye bamema bonke abantu – ikakhulukazi intsha – ukuba babe yingxenye yawo.

“Sifuna kakhulu labo abazimisele ngokusebenzela umphakathi, hhayi abagaqele izikhundla,” kusho uMaimane.

UZibi uthe basazivulile izandla nakwamanye amaqembu anombono ofanayo. Uqhube ngokuthi bazimisele ngokuhlanganisa umqulu ozohambisana nombono walo mfelandayonye, owehlukile kweyamaqembu abo.

Uhambe emagameni kaMaimane, wathi basazoqhubeka nokumela amaqembu abo ePhalamende ngokwesivumelwano esikhona, esiqale ngemuva kokhetho lukazwelonke lwangonyaka odlule.

Uthe noma sesifikile isikhathi sengqungquthela yokukhetha ubuholi bomfelandawonye, akusho ukuthi kuzokhethwa kubona bobathathu kuphela.

“Uma bekhona abanye abangaba ngabaholi abangcono kunathi, amalungu anelungelo lokubaphakamisa ebuho lini,” kusho uZibi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...