Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Imizamo yokuhlenga ubudlelwano be-ANC neSACP

Imizamo yokuhlenga ubudlelwano be-ANC neSACP

by | 19 March 2025

NGUMENGAMELI we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa noNobhala-jikelele weSACP, uMnu Solly Mapaila.


YIZE i-African National Congress (ANC) neSouth African Communist Party (SACP), ezingeni likazwelonke, behlanganile ngoMsombuluko, kazikho izivumelwano ezinqala abafinyelele kuzo.

Lo mhlangano bekuhloswe ngawo ukubuyisana phakathi kwalezi zinhlaka ezingamadlela-ndawonye, kulandela ukumemezela kweSACP ukuthi izongenela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo (2026), ngokuzimela, ingavoteli i-ANC.

Kulo mhlangano bekukhona uMengameli uCyril Ramaphosa, ehola ithimba lobuholi be-ANC. Uzwakalise ukukhathazeka ngokuqhekeka kwezinhlaka ezingamadlela-ndawonye, njengoba kuzoba ngokokuqala selokhu kwaba khona ukhetho lwentando yeningi ngo-1994, i-ANC neSACP bengavoti ngokuhlanganyela.

Inhlangano ebhekele ukhetho, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ibhalele iSACP incwadi, ithi mayicacise noma iyaqhubeka yini nombhidlango wokubhalisela ukungenela ukhetho ngokuzimela.

I-SACP ibe nesithanami sayo esiyinguyazana, esaziwa ngeParty Building Commission, ethathe izinsuku ezimbili. Ebuholini beSACP, obekukhona kubo uNobhala-Jikelele wayo, uMnu Solly Mapaila, noMnu Thulas Nxesi, bakucacisile ukuthi amaKhomanisi asamile esinqumeni esathathwa wumbuthano wawo oyisipesheli, sokungenela ukhetho ngokuzimela.

I-SACP kayeneme ngezinqumo ezathathwa yi-ANC, kweminye yamihlangano yayo eyinguyazana, ikhala nangokusebenzisana kukaKhongolose neDemocratic Alliance (DA), kuhulumeni obuswa ngokubambisana (GNU).

Kuphakanyiswe ukuthi kuqhubeke kube khona ukuxhumana kwalezi zinhlaka zombili ezingamadlela-ndawonye, kanti umsebenzi unikwe onobhala bazo, uMnu uFikile Mbalula we-ANC noMnu uMapaila we-SACP.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...