
YIZE i-African National Congress (ANC) neSouth African Communist Party (SACP), ezingeni likazwelonke, behlanganile ngoMsombuluko, kazikho izivumelwano ezinqala abafinyelele kuzo.
Lo mhlangano bekuhloswe ngawo ukubuyisana phakathi kwalezi zinhlaka ezingamadlela-ndawonye, kulandela ukumemezela kweSACP ukuthi izongenela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo (2026), ngokuzimela, ingavoteli i-ANC.
Kulo mhlangano bekukhona uMengameli uCyril Ramaphosa, ehola ithimba lobuholi be-ANC. Uzwakalise ukukhathazeka ngokuqhekeka kwezinhlaka ezingamadlela-ndawonye, njengoba kuzoba ngokokuqala selokhu kwaba khona ukhetho lwentando yeningi ngo-1994, i-ANC neSACP bengavoti ngokuhlanganyela.
Inhlangano ebhekele ukhetho, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ibhalele iSACP incwadi, ithi mayicacise noma iyaqhubeka yini nombhidlango wokubhalisela ukungenela ukhetho ngokuzimela.
I-SACP ibe nesithanami sayo esiyinguyazana, esaziwa ngeParty Building Commission, ethathe izinsuku ezimbili. Ebuholini beSACP, obekukhona kubo uNobhala-Jikelele wayo, uMnu Solly Mapaila, noMnu Thulas Nxesi, bakucacisile ukuthi amaKhomanisi asamile esinqumeni esathathwa wumbuthano wawo oyisipesheli, sokungenela ukhetho ngokuzimela.

I-SACP kayeneme ngezinqumo ezathathwa yi-ANC, kweminye yamihlangano yayo eyinguyazana, ikhala nangokusebenzisana kukaKhongolose neDemocratic Alliance (DA), kuhulumeni obuswa ngokubambisana (GNU).
Kuphakanyiswe ukuthi kuqhubeke kube khona ukuxhumana kwalezi zinhlaka zombili ezingamadlela-ndawonye, kanti umsebenzi unikwe onobhala bazo, uMnu uFikile Mbalula we-ANC noMnu uMapaila we-SACP.
menzi.jele@ilanganews.co.za