Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umfundi kaMatric obekhulelwe uzidubule wafa egcekeni kubo

Umfundi kaMatric obekhulelwe uzidubule wafa egcekeni kubo

by | 12 April 2026

UZIBULALE ngokuzidubula ngesibhamu umfundi (16), kamatikuletsheni, obanjwe nguyise ukuthi ukhulelwe. Kubikwa ukuthi uNkz Sisanda Zulu (16), wakwaL, Olundi, obefunda eGqokamandla High School, uzibulale ngemuva kokuba engafunanga ukuphumela obala ngokukhulelwa kwakhe.

Kuthiwa uzidubule egcekeni lakubo ngemuva kwesikhashana esincane ekade ebuzwa nguyise ukuthi umithiswe ngubani. ILANGA likhulume noyise kamufi, uMnu Mandla Zulu, ozwakalise ukushaqeka ngesenzo sendodakazi yakhe, walilandisa ukusuka nokuhlala kodaba. Uthe ingane ikhule ihlala naye nenkosikazi yakhe engayizali, unina wayo uhlala kwenye indawo.

“Umntwana ngikhulume kahle naye, ngizama ukuba angichazele ukuthi ukhuleliswe ngubani, kodwa wangafuna ukhuluma iqiniso. Ngibe sengimcela ukuba alungise izimpahla zakhe ukuze aye kunina, njengoba bengikholwa wukuthi uzokwazi ukuvuleleka kuyena. Ngiqede ukuxoxa naye, waphuma isikhashana, kanginakanga ukuthi uya kuphi. Ubuye ngemuva kwesikhashana wazivalela endlini alala kuyo.

“Ngihambe ngayolala. Kube yisikhathi esincane ngilele, ngezwa inkosikazi ingivusa, ibuza ukuthi ngubani lo odubulayo lapha ekhaya. Siphume sayoqalaza, safica (ingane) ikhiye umnyango, ngenhlanhla kukhona iwindi ebelivulekile, izingane zangena ngalo, zavula umnyango.

“Ngingene ingakathuli, ngazama ukuyihlalisa phansi, kwasho ukuthi sekonakele, isimo besinzima. Kasazi ukuthi isikhali ezidubule ngaso, isithathe kuphi. Sinethemba lokuthi sizothola maduze njengoba amaphoyisa ephenya,” kuchaza uyise kamufi.

Uthi okumxaka kakhulu wukuthi kungani indodakazi yakhe ibingaphumeli obala ngokuthi ikhuleliswe ngubani, njengoba ize yakhetha ukuzibulala. Uthi bekungakapheli nenyanga ethole ukuthi indodakazi yakhe izithwele.

“Ekhaya bathi baqale ukuqaphela ngoMasingana (January) ukuthi izithwele. Omunye wabasonta nayo, uthi uqale ukuqaphela ngoZibandlela (December). Enkulumeni yethu (nomufi), ngimchazelile ukuthi ngicela aye kunina, wacela ukuthi ngingamxoshi aze aqede umatikuletsheni, ngamchazela ukuthi angimxoshi, kodwa ngenzela ukuthi ayokhululeka, axoxe nonina.

“Kube kubuhlungu kakhulu ukubona ingane yami izibulele ngale ndlela. Ibibukeka inekusasa eliqhakazile, futhi beyenza kahle kakhulu esikoleni. Empeleni ibingumuntu ohlakaniphile, futhi obenekusasa eliqhakazile. Angazi ukuthi idimoni eliyingenile lisuka kuphi.

“Ngokusho kwezingane, indodakazi yami ziyibone iphethe nento emnyama esiyihlonze njengoshe vu, okukhomba ngokusobala ukuthi ibikuhlosile ngempela ukuzibulala. Sihlukumezeke kakhulu ngesenzo sayo, ngoba benginethemba lokuthi izokwazi ukuchazela unina, kodwa kwagcina kungasenzekanga. Sisele nemibuzo esingazi ukuthi iyophendulwa ngubani, njengoba singazi ukuthi ibikhuleliswe ngubani.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Ntathu Ndlovu, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aphenya icala ngokufa kwentombazane eneminyaka ewu-16, okutholakale isibhamu eceleni kwayo.

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...