Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ungoti ucacisa ngomgcagco weSilo noMaMyeni

Ungoti ucacisa ngomgcagco weSilo noMaMyeni

by | 11 November 2025

“UKUGCAGCA ngokosiko lwesintu kukaNkk Nomzamo ‘Masesi’ Myeni neSilo uMisuzulu (osesithombeni) kakuchazi ukuthi sekunguyena uNdlunkulu weSilo.”

Lokhu kushiwo nguSolwazi uJabulani Maphalala – ongungoti wesiZulu – ngesikhathi ecacisa ngomgcagco weSilo obusesigodlweni KwaKhangelamankengane, ngeSonto. UMaphalala uphawule ngalokhu emuva kokudideka kwabaningi ngenxa yezinkulumo ebese zisabalele, zithi njengoba uMaMyeni kunguyena inkosikazi yokuqala ukugcagca ngokwesintu neMbube, futhi wangeniswa nasesibayeni, lokho kusho ukuthi sekunguyena uNdlunkulu wokuqala weSilo.

UMaphalala uthi okwamanje kakukaziwa ukuthi iSilo sizothatha amakhosikazi amangaki, ngakho-ke kazikho izimpawu ezibambekayo zokuthi uMaMyeni sekunguyena inkosikazi yokuqala yeNdlulamithi, ngoba ushade ngokosiko lwesintu ekubeni abanye beqale ngomshado wephepha.

“UMaDlamini ozala iSilo uMisuzulu, waba yinkosikazi yesithathu kaMdlokombane (iSilo uZwelithini kaBhekuzulu esakhothama). Izimpawu ezazikhombisa ukuthi nguyena uNdlunkulu kaMdlokombane wukuthi walotsholelwa yisizwe, futhi kwaba khona isimemezelo esicacile sokuthi nguyena-ke.

“Kungenzeka ukuthi inkosikazi yeSilo elama uMaMyeni mhlawumbe kube yiyona eyolotsholwa yisizwe ngoba izalwa ebukhosini (bakwaMdluli), nakuba yona izogcagca emuva kukaMaMyeni,” kusho uMaphalala.

ISilo kube yindida ukugcagcelwa kwaso njengoba bekungaqondakali ukuthi kuzogcina kwenzeka yini. Abanye abantwana baseNdlunkulu bebewuphika lo mgcagco, bethi kabazi lutho ngawo, kodwa olunye uhlangothi luthi uzokuba khona.

Ezinye izincwadi zezimemo ezinophawu lwehhovisi leNdlunkulu, beziqhamuka ngegama likaMaMyeni, kunguyena omema izikhulu. ILANGA liyibonile enye yezincwadi okuvela ukuthi isayinwe nguMaMyeni, emema ongqongqoshe, ebazisa ukuthi uyagcagca.

NgoLwesihlanu iSilo simkhehlile uMaMyeni eJozini, samshada ngeSonto. Kulo mgcagco bekukhona uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, noMengameli we-EFF, uMnu Julius Malema ofike nezinkomo ezimbili eSilweni.

Okhulumela uMaMyeni, uMnu Vuyo Sibiya ekhuluma emithonjeni yabezindaba, uthe lo mgcagco ubunyundwa, uphumelele kanzima.

“Yingakho sakhipha nesitatimende siyiFoundation yakhe, esicacisayo ukuthi umgcagco uyaqhubeka njengoba abanye base bedwebe umugqa kwisaziso somcimbi, bethi kawusekho,” kusho uSibiya.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...