
UQOPHE umlando uNdumiso Zungu ngokuba umculi omncane kunabo bonke asebeke baqokwa emcimbini wokuklomelisa Icebolethu Crown Gospel Awards kusukela wasungulwa eminyakeni ewu-19 eyedlule.
UNdumiso oneminya ewu-12 ubudala uqokwe eminxeni emibili ngoLwesine ngesikhathi kunomcimbi wokumemezela abaqokiwe kulo mcimbi walo nyaka ozoba ngomhla ka-15 kuNovember eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.
Uqokwe koweBest Itende noweBest Song Of The Year ngengoma yakhe ayikhiphe kulo nyaka esihloko sithi Songena Ngemithandazo.
ILANGA lithole ukuthi uNdumiso nguyena umculi omncane kunabo bonke asebeke baqokwa kulo mcimbi omkhulu wokuklomelisa abasemkhakheni we-gospel. Ekhuluma ngokuqokwa kwendodana yakhe uThinah Zungu uthe bewumndeni bajabule kakhulu ngalo mlando.
“Lokhu kuyisibusiso esikhulu kithina njengomndeni futhi siyafisa ukuthi kube yisifundo nakwabanye ukuthi bazeseke izingane zabo uma kukhona ithalente ezinalo noma abalibonayo,” kusho uThinah.
Uthe okuhle ngoNdumiso wukuthi uziqalela owakhe umlandeli ngaphandle kokubheka yena.
“Okuhle wukuthi konke akwenzayo nginaye eduze kwakhe ngimgadile ukuze angaqhuzuki endleleni. Okuhle wukuthi ngiyihambile le ndlela ngiyazi lapho kumele ngimqaphelise khona futhi angangeni ogibeni engingene kulo,” kusho uThinah.
Uthe lona kusewumlando wokuqala uNdumiso awuqophayo kuningi okusezinhlelweni zabo abanakho kulo mkhakha asazokwenza.
“Okuningi sizokumemezela ngokuhamba kwesikhathi kodwa okwamanje siyabonga futhi siyacela ukuthi abantu baqhubeke nokumeseka emsebenzini awenzayo,” kusho uThinah naye ongumculi ongaconsi phansi kulo mkhakha.
Umcimbi walo nyaka uxhaswe inkampani yabancwabi Icebolethu Group ingakho usubizwa nge-Icebolethu Crown Gospel Awards.
Ekhuluma kulo mcimbi umsunguli wale nkampani uDkt Nomfundo Mcoyi ukhuthaze abaculi nomphakathi ukuba uqhubeke nokweseka lo mcimbi walo nyaka futhi baqinisekisa ukuthi bayavota eminxeni evotelwayo.
Iminxa evotelwayo kubalwa owe-Radio Presenter, Best Newcomer, Best Song Of The Year, Best Artist of The Year, Best Tap and Clap neBest Amazion.
Kulo nyaka babalelwa ku-1400 abafakele ukuqokwa kulo mcimbi kodwa kugcine kuqokwa abawu-250.
UBishop Mpendulo Nkambule onguMdidiyeli walo mcimbi uthembise umcimbi osezingeni eliphezulu kulo nyaka wanxusa umphakathi ukuba usheshe uwathenge amathikithi njengoba behlose ukubuyisa idumela likakhaphethi obomvu e-ICC.
Uthe umcimbi walo nyaka uzobe ukwelinye izinga.

Nalu uhlu olugcwele lwabaqokiwe kulo mcimbi walo nyaka.
MALE GOSPEL ARTIST
- Sibusiso Nzima
- Canaan Nyathi
- Ntokozo Ngongoma
- Kgethang Konese
FEMALE GOSPEL ARTIST
- Nozipho Phiri
- Elle Tisane
- Newie
RADIO PRESENTER (VOTED FOR)
- Brown Dibruin Mosiapoa – Motsweding FM
- Moshe Nyathi – Blue Hazy FM
- Olwethu Ndabankulu – TAMBO FM
- Zanethemba Shiyani – Zibonele FM
- MaZul’Ozulayo – Ukhozi FM
- Zikhona – Highway Radio
- NomiG – Ntokozo FM
GOSPEL ALBUM
- Tshwane Gospel Choir – Harmony of Prayers Part 1
- Max Mqhakayi – The Effluence
- Breakthrough Worship ZA – Breakthrough Worship ZA Volume 1 & 2
- Nozipho Phiri – Essence of Faith (Wangethula)
BEST ITENDE
- Bule Sabela – Uyisimanga Lo Jesu
- Pastor V Mboniswa – Umi Nami
- Ndumiso Zungu – Songena Ngemithandazo
- Mxolisi Mbethe – Baba Siyabonga
BEST NEWCOMER (VOTED FOR)
- Ezile Jikijela
- Gundolawe Ramudzuli
- Nothando Zulu
- MPHOTHOLOZI
- Max Mqhakayi
- Andile Tsako
BEST TRADITIONAL GOSPEL
- Bucy Radebe – Re thla taba
- ISHA BACK TO BASICS – Yehova nga a rendiwe
- Sneziey – Sinomlilo
- Nomini Nyawose – Ngizomethemba medley-hosana
BEST PRAISE SONG
- 3C LIVE – I Sought The Lord
- Kgethang Konese – Rea Ho Leboga
- Crystal T. – Mountain Moving Faith
- Elle Tisane – Siyabonga
BEST CLASSIC OF ALL TIMES
- Babo Ngcobo – Amatshe
- Thobekile – Wonderful Day
- Thembinkosi Booi – Igama Lam
BEST WORSHIP SONG
- 3C LIVE feat. Ntokozo Mbambo – All Hail
- Elle Tisane – Matsohong
- Dumi Mkokstad – Ngu Jesu (Bayede)
- Breakthrough Worship ZA ft Khaya Mthethwa – Live Again
BEST SONG OF THE YEAR
- Umlazi Gospel Choir The Original – Lalel’indaba
- Ndumiso Zungu – Songena Ngemithandazo
- Ntokozo Ngongoma – Jesu Uyilanga
- Kgethang Konese – Rea Ho Leboga
- Newie – Songs of Hope
- Rev Ngcobo – Mkhulu Uyesabeka / Zange Angathembeki
BEST ARTIST OF THE YEAR
- Breakthrough Worship ZA
- Elle Tisane
- Cannan Nyathi
- Kgethang Konese
BEST COLLABORATION
- …UN-LTD and Sibusiso Nzima – Nobody Greater ft Vashawn Mitchell
- Banele Mahlangu – O Ya Halalela ft Dr Tumi
- Sipho Makhabane ft Black Mambazo – Ukukhanya
- Elle Tisane ft Takie and Rofhiwa – Ndi na o Maanda
BEST ACCAPELLA SOLO OR GROUP
- Di Bruin Gospel Project
- ISAAC AND THE MIGHTY MESSENGERS
- Amadodana We Buhlebesizwe
- JTG Gospel Choir
BEST SONGWRITER
- 3C LIVE – Worthy Is the Lamb, written by Ntokozo Ngobeni
- Thembinkosi Booi – Themba Inkosi
- Max Mqhakayi – The Effluence
- Dumi Mkokstad – Ngu Jesu (Bayede)
BEST GOSPEL PRODUCER ALBUM
- Tshwane Gospel Choir – Harmony of Prayers Part 1
- Ndlunkulu Nosange – Umusa (Live at Urban Brew Studios)
- Breakthrough Worship ZA – Breakthrough Worship ZA Volume 1 & 2
- Nkosenhle Dlaba Shezi – Uma Siphila Ngomoya
BEST GOSPEL MUSIC VIDEO
- MPHOTHOLOZI – Nyakata (In the Sanctuary)
- Umlazi Gospel Choir The Original – Lalel’indaba
- MJ Mvala – Usenguye ft Jerry Madubela
- Paul K – Motse
BEST CLAP AND TAP
- ISAAC AND THE MIGHTY MESSENGERS
- RUSTCORG FOUNDATION
- The New Believers of God Gospel Singers
- The Great Junior Mystical Gospel Singers
BEST GOSPEL LIVE EVENT OR RECORDING
- Umlazi Gospel Choir Original – Lalela’indaba
- MPHOTHOLOZI – Nyakata
- Breakthrough Worship ZA – Breakthrough Worship ZA Volume 1 & 2
- The Great Junior Mystical Gospel Singers – Jeso Konyana
BEST CONTEMPORARY SONG
- Adrae Jacobs – Rise
- Max Mqhakayi – The Effluence
- …UN-LTD and Sibusiso Nzima – Nobody Greater feat Vashawn Mitchell
- 3C LIVE feat. Dr Tumi – Khunama (All Hail)
BEST AMAZION
- ATEZS UNIZULU
- Ukulunga KwamaKrestu – The Legends
- Isikhonyane Church
BEST OF AFRICA MALE
- Sphiwo Ndoni – Eswatini
- Tatenda Mahachi – Zimbabwe
- Everton Mlalazi – Zimbabwe
- Edson Matavele – Botswana
BEST OF AFRICA FEMALE
- Nothando Hlophe – Eswatini
- Nothando Dlamini – Eswatini
- Sesame – Botswana
- Shekinah Motsa – Eswatini
- Eleana Makombe – Zimbabwe
BEST GOSPEL GROUP
- EBMQ (Evangelical Best Men Quartet)
- Impact Co.
- Omama BeTende
- Gauteng Gospel Choir







