
UHULUMENI waKwaZulu Natal uxwayisa abantu baKwaZulu Natal ezindaweni ezahlukene ngesimo sezulu esibi esihlasele ezindaweni ezahlukene.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana noBuholi beNdabuko uMfu Thulasizwe Buthelezi uxwayile umphakathi ukuba uqaphele njengoba lesi simo sezulu siza nokukhithika nokungadala umonakala emigwaqeni eyahlukene kuleli.
Uthe kwezinye izindawo imigwaqo sekuphoqeleke ukuba ivalwe ukuqinisekisa ukuphepha kwabashayeli.
Unxuse labo abangakwazi ukuhlehlisa uhambo lwabo ukuba baluhlehlise kuze kube isimo sibuyela esimweni kanti labo asebe semgwaqweni bashayele ngokucophelela.
UMfu Buthelezi uthe abezinhlekelele basiqaphile isimo ezindaweni ezahlukene.

Khona manjalo uMnyango wezokuThutha KwaZulu Natal usukhiphe isexwayo ngesimo sezulu esibi ezindaweni ezifana noKokstad, Underberg, Matatiele naseClifton maphakathi noNottingham Road.
Kubikwa ukuthi ukukhithika kulezi zindawo sekuphoqeleke ukuthi kavalwe eminye yemigwaqo eyakhelene nazo kanjalo nebheke kuzona.
Ngokusho kwesitatimende eesikhishwe yilo mnyango amaphoyisa omgwaqo akwa-Road Traffic Inspectorate asefikile ezindaweni ezihlaselwe wukukhithika ukuzoqapha isimo nokuqinisekisa ukuphepha kwabashayeli.
Ngokusho kwesitatimende omunye wemigwaqo evaliwe u-R617 njengoba izimoto sezijikiswe zahanjiswa ngoR56. Kubikwa ukuthi kuneloli elibhajiwe kuwona u-R617 eKingscot.
“Sinxusa abashayeli ukuba bahlehlise uhambo lwabo namalungu omphakathi kulezi zindawo ukuba ahlale emakhaya. Lokhu sikunxusa ngenhloso yokuvikela imiphefumulo,” kusho uMnu Ndabezinhle Sibiya okhulumela lo mnyango.







