
UGILE izimanga egcwalisa iThe Playhouse, eThekwini izinsuku ezintathu zilandelana uSjava ngemicimbi yakhe ebizwa ngeSjava The 2018 Tour kusukela ngoLwesihlanu kwaze kwaba yiSonto.
Amathikithi kaSjava adayiswa ubuthaphuthaphu kungakapheli nesonto ememezele izinsuku zokuhlela lo mcimbi. Njengoba wayezoba nomcimbi owodwa kwaphoqeleka ukuba engeze ngolunye usuku ngenxa yesasasa elakhonjiswa ngabalandeli bakhe.
Nalo usuku lwesibili amathikithi aphinde adayiswa ngokuphazima kweso njengoba kwagcina sekuphoqa ukuba kumenyezelwa usuku lwesithathu nalo kwayiso esifanayo. NgoLwesihlanu okwaba wusuku lokuqala lwale micimbi, uSjava wagila izimanga phambi kwezinkumbi zabantu eqhulula amanoni azakhela ngawo udumo kusukela ngo-2018.
Kulo mcimbi uSjava uphinde wamangaza abantu sekungena umkhaya wakhe uBig Zulu bacula ingoma kaSjava eshisa izikhotha kulezi zinsuku esihloko sithi Uyena. Laba baphinde bacula neyabo ingoma ethi Umbayimbayi njengoba bebuye bazibize ngeziNkabi Zezwe.
Abathandi bakaSjava baphume bengawuvali umlomo injabulo njengoba nangemuva kwalo mcimbi uSjava waphinde wabanika nethuba lokuthi bathathe izithombe naye. Kulindeleke ukuba le micimbi kaSjava iqhubekele nakwamanye amadolobha njengoba eseke waya eCape Town nakhona kwaphoqeleka ukuba engeze ngolunye usuku.







