
UFAKAZELE isisho esithi ukubambezeleka kwamaphupho akusho ukuthi ngeke afezeke uSthabile Mazubane (33) okunguyena odle umhlanganiso emncintiswaneni weGagasi FM obizwa nge-2025 Gagasi FM Rising Star.
USthabile odabuka ePietermaritzburg uzoba ngumethuli weGagasi FM Vodcast yalo msakazo otholakala kwi-app yalo msakazo.
Umenyezelwe yisikhulu salo msakazo u-Alex Mthiyane oyi-Head of Audience Experience ngoLwesihlanu ntambama ohlelweni iGagasi Fast Lane olushayelwa uSphectacular, Naves noSelbyonce.
Kulo mncintiswano uSthabile udle umhlanganiso ngemuva kokuvotelwa ngabalaleli balo msakazo nethimba lamajaji kanti uhlelo lokuvotwa belisingethwe umcwaningi ozimele.
Ezibongela ngemuva kokumenyezelwa uSthabile uveze ukuthi uzizwa ethobekile ngokuba yilungu lomndeni weGagasi FM.
“Njengomuntu obewumlandeli walo msakazo leli thuba lifike ngesikhathi lapho bengidinga khona into engizokholelwa kuyona ezonginikeza ithemba. Ngithobeke kakhulu ngokuthola leli thuba,” kusho uSthabile.
Uqhube ngokuthi uzimisele ngokusebenza ngokuphindiwe ngenhloso yokuthi akhule kulo msakazo. Ukuthola leli thuba kufakazele isisho esithi ukubambezeleka kwamaphupho akusho ukuthi ngeke afezeke,” kusho uSthabile.
Okhulumela lo msakazo uKhulekani Shandu uthe bayamamukela uSthabile emndenini weGagasi.
“Siyazi ukuthi bekungelula njengoba abantu abaningi abebengele lo mncintiswano bebenethalente eliyisimanga. Kukhombisile ukuthi iKZN iqukethe ithalente eliningi.
Siyabonga kubona bonke abavotile ukuze sikwazi ukuthola umanqoba,” kusho uShandu.







