Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UShaun Stylist uthi kungcono ukuthemba itshe engomeni yakhe

UShaun Stylist uthi kungcono ukuthemba itshe engomeni yakhe

by | 5 June 2025

UYAKHULA kwezomculo uShaun Andile Naki odume ngelika Shaun Stylist owaziwa kakhulu ngokugqokisa usomabhizinisa waseThekwini odumile uShaun MaMkhize, osegxile emculweni. Muva nje usanda kudedela i-EP enezingoma eziwu 7, okubalwa esihloko sithi Yiyo, Tshemb’itshe, New Chapter nezinye. “Kulo msebenzi wami wakamuva ngisebenze kakhulu nezinsizwa ezisakhula emkhakheni wamapiyano, ngenkolelo yokuthi lokhu kuzoshintsha isimo sabo nesemindeni yabo. Ekugcineni sonke esikufisayo ukuthi sibe nendlela yokuziphilisa thina nemindeni yethu,” esho. Kulo mnikelo wakhe wakamuva usebenze noKabza De Small, uCuloe De Song, T&T, MuziQ nabanye.


UShaun uthi imfashini uyayithanda, ngeke ahlehle kuyo. “Ingwe kayisoze yawashintsha amabala ayo. Nakumina umculo nemfashini kuyahambisana kuyinto eyodwa. Kodwa-ke isikhathi sami sithathwa kakhulu wumculo manje,” esho.
Ephawula ngokukhula kwamapiyano uthi into enhle ngawo ukuthi ayakwazi ukuhlanganiseka nezinye izinhlobo zomculo. “Yingakho uwuthola nabantu baphesheya kwezilwandle bewuthokozela kanti nakhona la ekhaya abantu abalalela ezinye izinhlobo zomculo bayawathokozela amapiyano uma esehlanganiswe nomculo abawuthakaselayo,” esho.


Uthi empilweni ukufundile ukuthi kakumele uthembe wonke umuntu njengoba enengoma ethi Themb’itshe. “Kwesinye isikhathi abantu baye bathembise ukukweseka noma ukuwa bevuke nawe, kodwa bangakwenzi lokho,”usho kanje.
Elandisa ngempilo yakhe yangasese njengoba esanda kushadelwa futhi esenengane aqambe ngayo i-EP yakhe ethi Maison: “Umuzwa engingeke ngawufanisa nalutho, ngifisa sengathi sonke singaba nethuba lokukhuliswa ngumama nobaba. Ngiyazi ukuthi abanye kabakucabangi ukushadelwa ngoba bengakhuliswanga ngaphansi kwaleso simo, kunzima ukuhalela into ongazange uyibone phambi kwamehlo akho. Nakuba kunjalo ngisabagqugquzela abafowethu ukuthi bayizame le mpilo,sizikweleta izingane zethu amakhaya enemfudumalo nothando ” esho.


“Unkosikazi uyacelwa emadlozini nakuNkulunkulu kanjalo nomyeni. Kodwa-ke akusho ukuthi kuzoqhamuka lo ofiswa nguwe noma omcabangayo. Kumele uthole umuntu okwazi ukuzithoba nonenhlonipho,” kuphetha yena.

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...