Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 OweJoyous ucacisa ngokungabi khona komcimbi wePhasika

OweJoyous ucacisa ngokungabi khona komcimbi wePhasika

by | 11 March 2026

OMUNYE wabasunguli beqembu lodumo lomculo wokholo iJoyous Celebration, uLindelani Mkhize, usephumele obala, wacacisa ngokubhuntsha komcimbi waleli qembu waminyaka yonke, ovamise ukwenzeka ngempelasonto yePhasika.

ILANGA lithole ukuthi okuholele ekutheni lo mcimbi ungenzeki, yingoba leli qembu likhungethwe yizinkinga ebuholini balo, sekuze kwafakwana nasezinkantolo ngenxa yazo. 

Ngenyanga eyedlule kusabalale imibiko ethinta izinkinga ngendlela leli qembu eliphethwe ngayo, lapho omunye wabasunguli balo uJabu Hlongwane, esole uMkhize ngokungayiphathi kahle imali yeqembu, nokungaphumeli obala ngoxhaso olutholwa yileli qembu ngasese. 

UMkhize wazichitha lezi zinsolo, ethi nguHlongwane obebhekelela ukusetshenziswa kwemali eqenjini. Izinkinga zaleli qembu ziqale ngemuva kokuba isikhungo esiqoqa intela kuleli, iSouth African Revenue Service (Sars), siligixabeze ngencwadi yesikweletu esilinganiselwa kwisigidi samarandi. 

Umthombo waleli phepha uveze ukuthi le mibiko iziphazamisile izinhlelo zaleli qembu eligubha iminyaka ewu-30 lasungulwa kulo nyaka. Uthi lokhu kufakazelwa wukuthi umcimbi walo waminyaka yonke ovamise ukwenzeka eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, ungenzeki kulo nyaka. 

UMkhize ukuchithile ukuthi lo mcimbi ubhuntshile, kunalokho uthi zinkulu izinhlelo abanazo ngaleli qembu kulo nyaka. Uvumile ukuthi zikhona izinkinga ezilikhungethe iqembu.

“Angithandi ukuphawula ngalezi zinkinga ngenxa yokuthi udaba selusezithebeni zenkantolo,” kusho uMkhize.

Uthembise ukuthi lezi zinkinga ngeke ziziphazamise izinhlelo abanazo zokugubha iminyaka ewu-30 leli qembu lasungulwa.

“Ngikhuluma nawe nje, ngoLwe-sithathu besihlela ukumemezela izinsuku zomzungezo wethu walo nyaka, esiwubiza nge-30-30 Tour. U-30 wokuqala ngoweminyaka yeqembu, kanti owesibili wukuthi sizobe sicula izingoma eziwu-30 kuzona zonke izindawo esizoziha-mbela kulo mzungezo,” esho.

Uthi umzungezo uzoqala eJoha-nnesburg Theatre, eGoli, ngomhla ka-30 kuMbasa (April). Uthe okunye okwehlukile ngalo nyaka, wukuthi bahlela nokuhambela namadolobha abangakaze balibhade kuwona. 

“Nakuba ngingeke ngiwabale amanye, kodwa amadolobha afana neNewcastle, sizowahambela namanye akwezinye izifundazwe,” esho.

Uthe eThekwini bahlela ukuza ngoNcwaba (August) nonyaka. Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA like labika ngokungabonakali kukaHlongwane noMthunzi Namba kuleli qembu ngonyaka odlule. Lakuveza ukuthi kwakunoqhekeko phakathi kwalaba basunguli baleli qembu.

UMkhize uthe akanaso isiqiniseko sokuthi laba basunguli osekunesikhathi bengabonakali naleli qembu, bazoba yingxenye yalo mzungezo. Uthe baseyingxenye yaleli qembu, ngakho kuzoba kubona ukuthi baba yingxenye noma cha. 

Ethintwa uHlongwane, uthe yena noNamba basithatha kudala isinqumo sokungabonakali esiteji naleli qembu, njengoba inhloso yokulisungula, kwakuwukuvundulula ithalente. Uvumile ukuthi zikhona izinkinga eqenjini. 

“Izinkinga zikhona yonke indawo, wukuthi abantu bayathanda ukugiya ngethambo labanye uma bekhungethwe yizinkinga,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...