
UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela umfundisi webandla lasezayoni zakwaNko-nyane, eMahlongwa, ngaseMkhomazi, emuva kwesigameko sokushona kowesilisa okuthiwa ubeyishende lenkosikazi yakhe, okuvela ukuthi umdubule ngesikhathi esembuyisa ekuseni ngoLwesine.
ILANGA lizifikele mathupha emzini kaMfu Bonginkosi Gumede, langamfica njengoba eboshiwe, kodwa kukhona inkosikazi yakhe, okuthiwa isinde ngokulambisa ngesikhathi umyeni wayo edubula ‘ishende’ ebelimyise kwakhe ekuseni.
Inkosikazi obekungavumi ngi-sho ikhulume, ithe kukhona ecela ukubafonela, ibuze kubona ukuthi ingakhuluma yini ngalolu daba ngaphambi kokuba ikhulume neLANGA. Emuva kocingo, ithe ibikhuluma nommeli, oyiyalele ukuthi ingakhulumi lutho engekho, okungcono abezindaba mababuye sekukhona yena (ummeli).
“Ngenxa yokuthi ummeli uyenqaba ukuthi ngikhulume, okungcono buya sekukhona yena. Akukho engizokwazi ukukukhuluma njengamanje. Kwabezindaba, akekho oseke wafika kimina ukuzongibuza ngalolu daba, wena ungowokuqala, kodwa noma kunjalo, ngeke ngikwazi ukukhuluma.
“Ngeke ngikunike nezinombolo zocingo lwami ngoba kulezi zinsuku angiziphenduli izingcingo zabantu, ngisho ngibona i-missed call, kangibuyeli kuyona. Nolwakho ucingo ngeke ngiluthathe ngoba akukho engizokufonelela khona, futhi ngihlonipha nobaba walapha ekhaya,” kusho uNkk Gumede.
Ukuqinisekisile ukuthi yikhona kwaGumede la okwenzeke khona isigameko sokushona kowesilisa. Yize ebekhuluma uNkk Gumede, ubebonakala ukuthi ukhathazekile, futhi ubebukeka engumuntu obekade ekhala, ekhulumela phansi. Emzini wakhe bekukhiyiwe emnyango, yena engaphakathi yize bekuyisemini. ILANGA lingenisane nendodakazi yakhe, efike yacela ukhiye ukuthi ivulelwe emnyango.
Umufi kuthiwa nguMnu Lungisani Mzimela wakhona endaweni, futhi ubaziwa ngokuthi uthutha izingane zesikole ngemoto yakhe, le okuthiwa ushonele kuyona edutshulwa, ngesikhathi esehambise uNkk Gumede kwakhe.
Ngokuthola kweLANGA, uMfu Gumede ungumshayeli wama ambulensi eScottburgh, kanti inkosikazi edume ngomamamfundisi endaweni, ingumhlengikazi esibhedlela iGJ Crookes, khona eScottburgh. Endaweni udaba lokushona kukaMzimela ‘ngokudutshulwa nguGumede’ luyaziwa, kodwa bonke abantu basamangele ngoba abakwaGumede baziwa bengabantu abazithobile. Ulandisa ILANGA umthombo, uthe bathole ukuthi uGumede sekunesikhathi wathola ukuthi inkosikazi yakhe iyajola.
“Into esizwe kuthiwa uyenzile, wukufaka ama-camera emzini wakhe inkosikazi ingazi, wase e-hacker umakhalekhukhwini wayo ukuze abone konke ekwenzayo. Ngelanga okudutshulwe ngalo uMzimela, uGumede ukwazile ukubona kwiselula yakhe esemsebenzini kungena imoto kaMzimela, ithatha inkosikazi yakhe yahamba nayo ubusuku bonke.
“Ubuye wazocutha eduze komuzi wakhe, wafonela namaphoyisa, ewazisa ukuthi kunemoto esintshontshe inkosikazi yakhe, futhi uzosebenzisa isibhamu sakhe esisemthethweni uma eyithola. Uhlale eduze komuzi wakhe ubusuku bonke elindile, kanti ngempela uzotheleka uMzimela eselethe inkosikazi kaGumede, wafika wamthela othulini ngenhlamvu, inkosikazi yaphuma emotweni, yabaleka,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthunyelelwe imibuzo ukuthi aphawule ngalolu daba, anikwe ne-case number yalo, wagcina engaphendulanga. Uthunyelelwe i-email kwaze kwalandelelwa kabili, wathunyelwa nakwiWhatsApp, nakhona wangaphendula.
Efonelwa, uthe uzophendula, kodwa ugcine engasalubambi ucingo, nemiyalezo eyifunda angaphenduli.






