
USEMAGANGE ukuyodlala kwi-Uefa Champions League uRelebohile Mofokeng ophase ngamalengiso ukuhlolwa kwempilo ukugijima kwiRoyale Union Saint-Gilloise egijima esigabeni esikhulu saseBelgium.
UMofokeng uzwakalise injabulo ngemuva kokujoyina le kilabhu eqede isizini edlule ilele isibili kwi-log yeBelgian Pro League, emuva kweClub Brugge. Lo mdlali onikwe unombolo-38 kule kilabhu – abevele ewugqoka nakwi-Orlando Pirates anqobe izindebe eziwu-8 kuyona – uthe ukubheke ngabomvu ukudlubha ijezi lezakhe kwiChampions League ethathwa njengomqhudelwano omkhulukazi kwedlalwa ngamakilabhu emhlabeni.
Phela ukuphela komdlali waseNingizimu Afrika osewake wanqoba i-Uefa Champions League nguBenni McCarthy ngesikhathi esagijima kwiFC Porto ngo-2004 ngaphansi komqeqeshi uJose “The Special One” Morinho wasePortugal.
Ephawula lo mdlali emuva kokuqeda konke neRoyale, uthe: “Kuyiphupho lawo wonke umdlali kanobhutshuzwayo ukuyogijima kulo mqhudelwano omkhulukazi e-Europe. Sengimagange ukubamba iqhaza kuwona.”
Uthe isizini edlule ka-2025/26 kube ngekhethekile kakhulu empilweni yakhe njengoba ebeyingxenye yePirates inqoba i-treble okwesithathu emlandweni wePSL. IBucs ngesizini edlule iqukule iBetway Premiership, iCarling Knockout neMTN8.
Uphinde wabamba iqhaza ekutheni iBafana ingene emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba yeFifa oqhubeka eCanada, eMexico nase-United States of America (USA). Elakuleli liphume kwi-last 32 kulo mqhude2lwano ebeliqala ukufinyelela esigabeni somkhumulajezi kuwona.







