Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kuqhakanjiswa iKZN ngomdlalo weqembu lekhilikithi nelombhoxo

Kuqhakanjiswa iKZN ngomdlalo weqembu lekhilikithi nelombhoxo

by | 23 June 2025

INTATHELI YELANGA

UBUYA nombono wokuqhakambisa isiko lezemidlalo elenza iKwaZulu-Natal yehluke kwezinye izifundazwe umdlalo wekhilikithi ophakathi kweqembu lombhoxo laseThekwini, iHollywoodbets Sharks nomakhelwane balo bekhilikithi, iHollywoodbets Dolphins, obizwa ngeFin Cup, ozogijinywa mhla ka-17 ku-August 2025, eHollywoodbets Kingsmead Stadium, eThekwini.

Amasango azovulwa ngo-08:00, umdlalo uqale ngo-11:00. Lo mdlalo oyi-T20 – lapho iqembu neqembu lidlala ama-over awu-20 – wagcina ukudlalwa ngo-2015, kanti inhloso yawo wukukhombisa ukuba yimbumba kwabezemidlalo eyahlukene. UDevin Heffer oyi-brand and communications manager kwaHollywoodbets – ophikweni lwabalandeli kwikhilikithi nombhoxo – uthi beyiHollywoodbets bakholelwa kakhulu ekutheni ezemidlalo ziyabahlanganisa abantu, zifukule imiphakathi futhi zinike ugqozi izingqwele zakusasa.

“I-Fin Cup kayikho nje mayelana nokuzijabulisa, kodwa iwukuthokozela ukuba yimbumba, ugqozi nokuziqhenya ngesifundazwe sethu. Sijabule kakhulu ngokuthi ubuyile lo mdlalo wezinkunzi zekhilikithi nezombhoxo, ohlanganisa imindeni, ubeke isifundazwe sethu emehlweni omhlaba,” esho.

KWESOBUNXELE nguPhepsi Buthelezi weSharks, kanti kwesokudla nguPrenelan Subrayen weDolphins.

Uthe ngaphandle komdlalo, ziningi ezinye  izinto abalandeli abazozithokozisa ngazo. Kulezi zinto kukhona eminye yokuthokozisa abalandeli – bawo wonke amazinga eminyaka yobudala – okubalwa kuyona umdlalo omfishane wekhilikithi, lapho kuzobhekana khona injejane yeSharks (Sharks Pups) neyeDolphins (Dolphins Kids), nokuxhumana kwabalandeli nabadlali. 

NGUKHAYA Zondo weDolphins.

Isikhulu esiphezulu seDolphins, uHeinrich Strydom, sithe iSharks neDolphins babambe elikhulu iqhaza emaqenjini esizwe aseNingizimu Afrika ngokwehlukana kwale midlalo. Sithe: “Sizizwa sithobekile ngokubamba iqhaza kule ngqayizivele yomdlalo, futhi ngiyaphuphuma yinjabulo uma ngibheka ukuthi ikusasa lisiphatheleni mayelana nezinto esizozizuza ngalobu budlelwano.” 

UShaun Bryans oyisikhulu esiphezulu seSharks, uthe lo mqhudelwano kawukho nje mayelana nomdlalo wekhilikithi kuphela, “umumethe ukuziqhenya ngesifundazwe sethu, wubudlewano esibakhayo, nesiko lezemidlalo esigabe ngalo KwaZulu-Natal”. “Isiqubulo sethu salo mdlalo sithi ‘#DurbanUnite’ okuyikhona kanye lo mdlalo omayelana nakho. Sihlose ukusebenzisa ezemidlalo ukuba yimbumba, sijabule njengomphathi obumbene,” kusho uBryans. 

IDolphins kulindeleke ukuba igadle ngoKhaya Zondo, uMarques Ackerman noPrenelan Subrayen ukubala abambalwa, kanti iSharks yona inoPhendulani “Phepsi” Buthelezi, uLukhanyo AM, u-Ethan Hooker no-Eben Etzebeth. 

Amathikithi aqalile ngoLwesihlanu ukudayisa eTicketpro,  www.sharksrugby.co.za, nau-www.dolphinscricket.co.za. Awe-East Stand, abiza kusuka ku-R100 kuya ku-R175. Kuya ngendawo ofisa ukuhlala kuyona. Kukhuthazwa abalandeli ukuba bangasindwa yizinyawo, baphuthume bazitholele amathikithi. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...