Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 “Sinye isicukuthwane esibalulekile emshadweni wami”

“Sinye isicukuthwane esibalulekile emshadweni wami”

by | 13 December 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

KULINDELEKE osaziwayo okubalwa kubo abalingisi bemidlalo kamabonakude, osopolitiki nosomabhizinisi emshadweni womlingisi woMkhokha, uKini Shandu ozobe egcagcelwa nguNkz Angie Khanyile ngeSonto emzini wakhe oseDokodweni, eGingindlovu.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uKini, uthe kasikho isihambeli esizoba sikhulu ukudlula umkakhe. 

“Ngiyojabulela ukufika kwalabo abazophumelela, ngoba kuyobe kusho ukuthi bashiye izinto eziqondene nabo bakhetha ukuzoba nami nomndeni wami ngalolu suku. Lokho kusho lukhulu kimina,” kusho yena. Uthe yena noMaKhanyile sebenesikhathi eside bethandana, kanti usekujahe kakhulu ukungena kwakhe emagcekeni akwaShandu. 

Utshele leli phephandaba ukuthi akekho umuntu ongamukelekile emshwadweni ngeSonto. 

UKINI Shandu noNkz Angie Khanyile ezizobe ziwushaya kubona ngeSonto.

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini kuke kwaqubuka ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuvela kwemibiko yokuthi uKini usukumise intokazi yakwaKhanyile ebandleni lamaNazaretha abakhonza kulona. 

Baningi abamhlasela ngamazwi bethi “ungumakadebona”, kungani ekhethe ukuthandana nenkosazana yasebandleni lakhe. 

Ngaphandle kwalokho, uke wabhekana nobunzima ehlaselwa, kakhulukazi ngabesifazane ngenkulumo ayenzayo ezinkundleni zokuxhumana, lapho wathi kawukho umuzi ongavuswa ngumuntu wesifazane osenengane. Wathi abesilisa abasafuna ukuganwa kabakwazi ukuvusa imizi yoyise ngokuthatha owesifazane onezingane zakweminye imizi. Abanye baze balwela nokuthi nomcimbi wakhe wezindondo  zokuklonyeliswa kwabesifazane abenza kahle emikhakheni ehlukene, iSebenza Women Awards, mawungabe usaxhaswa wuhulumeni.  

Ebuzwa ukuthi bungakanani ubunzima abuthwala ngalokho kuhlaselwa kwakhe, uthe yena uqhubekile nempilo yakhe. 

“Mina bengiziphilela impilo yami, kakukho okunye okungale kwalokho,” kusho yena. 

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za 

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...