Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 “Sinye isicukuthwane esibalulekile emshadweni wami”

“Sinye isicukuthwane esibalulekile emshadweni wami”

by | 13 December 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

KULINDELEKE osaziwayo okubalwa kubo abalingisi bemidlalo kamabonakude, osopolitiki nosomabhizinisi emshadweni womlingisi woMkhokha, uKini Shandu ozobe egcagcelwa nguNkz Angie Khanyile ngeSonto emzini wakhe oseDokodweni, eGingindlovu.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uKini, uthe kasikho isihambeli esizoba sikhulu ukudlula umkakhe. 

“Ngiyojabulela ukufika kwalabo abazophumelela, ngoba kuyobe kusho ukuthi bashiye izinto eziqondene nabo bakhetha ukuzoba nami nomndeni wami ngalolu suku. Lokho kusho lukhulu kimina,” kusho yena. Uthe yena noMaKhanyile sebenesikhathi eside bethandana, kanti usekujahe kakhulu ukungena kwakhe emagcekeni akwaShandu. 

Utshele leli phephandaba ukuthi akekho umuntu ongamukelekile emshwadweni ngeSonto. 

UKINI Shandu noNkz Angie Khanyile ezizobe ziwushaya kubona ngeSonto.

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini kuke kwaqubuka ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuvela kwemibiko yokuthi uKini usukumise intokazi yakwaKhanyile ebandleni lamaNazaretha abakhonza kulona. 

Baningi abamhlasela ngamazwi bethi “ungumakadebona”, kungani ekhethe ukuthandana nenkosazana yasebandleni lakhe. 

Ngaphandle kwalokho, uke wabhekana nobunzima ehlaselwa, kakhulukazi ngabesifazane ngenkulumo ayenzayo ezinkundleni zokuxhumana, lapho wathi kawukho umuzi ongavuswa ngumuntu wesifazane osenengane. Wathi abesilisa abasafuna ukuganwa kabakwazi ukuvusa imizi yoyise ngokuthatha owesifazane onezingane zakweminye imizi. Abanye baze balwela nokuthi nomcimbi wakhe wezindondo  zokuklonyeliswa kwabesifazane abenza kahle emikhakheni ehlukene, iSebenza Women Awards, mawungabe usaxhaswa wuhulumeni.  

Ebuzwa ukuthi bungakanani ubunzima abuthwala ngalokho kuhlaselwa kwakhe, uthe yena uqhubekile nempilo yakhe. 

“Mina bengiziphilela impilo yami, kakukho okunye okungale kwalokho,” kusho yena. 

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za 

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...