Ilanga News
Home 9 Featured 9 Limfiliba ikusasa likaSiya Mhlongo oKhozini

Limfiliba ikusasa likaSiya Mhlongo oKhozini

by | 11 March 2025

LIDLULELE esigabeni sokuqulwa icala elibhekene nomsakazi woKhozi FM uSiyabonga “Siya” Mhlongo, obhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa “oyisinqandamathe sakhe”.

USiya ubevele izolo ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho umshushisi waleli cala, uNkz Shanenaaz Hoosen, etshele iMantshi ukuthi isigaba sePretrial Conference sesifike emaphethelweni, kasikho isivumelwano esitholakele phakathi kwezinhlaka ezithintekayo.

Utshele inkantolo ukuthi isisulu esisebenza eGoli siphakamise usuku lwango mhla ka-25 kuMbas1 (April) ukuthi kuqale ukuqulwa ngalo icala. Imantshi uMhlonipheni Sibiya iluvumele lolu suku, yaliguqisa icala.

Ukudlulela kulesi sigaba kwaleli cala kushiye ebumnyameni ikusasa likaSiya emsakazweni njengoba imithombo yeLANGA engaphakathi kulo msakazi yaveza ukuthi abaphathi baveza ukuthi udaba lokubuyela kwakhe emoyeni liyokhulunywa uma kuphela icala, okubukeka lisazothatha isikhathi.

Izikontileka zabasakazi balo msakazo womphakathi ziyaphela ekupheleni kwale nyanga, kanti kuthiwa seziqalile izingxoxo nabangase babuye.

USiya usolwa ngokushaya isisulu ngebhodlela ebusweni. Isisulu satshela leli phephandaba ukuthi USiya wavukwa yisikhwele ngemuva kokuba sivaleliswe ngomunye wabangani baso wesilisa, ababehlezi naye endaweni yobumnandi emgaqweni uFlorida, eThekwini.

Sathi lo wesilisa wathi “mncwa mncwa” ebhekise kuso, naso saphendula kanjalo, okuyikho okwanenga uSiya.

Ezisematheni

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele...

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...