Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wandulelwe yisifundo esibalulekile owokugujwa kwempi yaseSandlwana

Wandulelwe yisifundo esibalulekile owokugujwa kwempi yaseSandlwana

by | 21 January 2025

NGUMNU Petros Ngubane, uMnu Douglas Rattray neNkosi uMajozi

MENZI JELE
UQALE ngesifundo esibalulekile umcimbi wokugujwa kwempi yaseSandlwana okulindeleke ube kusasa ngoLwesithathu eNquthu. Namhlanje ngoLwesibili uDkt Vusi Shongwe, yinyosi uBuzetsheni Mdletshe noMntwana uThulani Khuzwayo waseZibindini, yibo ebebethula lesifundo.

Lesifundo besiseShiyane sihlelwe ngumasipala omkhulu uMzinyathi oholwa nguMnu Petros Ngubane. IShiyane ingenye yezigcawu lapho impi yahlangana khona. Isifundo simayelana nokubaluleka kweMpi yaseSandlwana emhlabeni jikelele.

UMnu Ngubane uthe Petros intaba iSandlwana bayithatha njengentaba engcwele lapho sonke isizwe samaZulu sikhuleka khona. Lokhu kwakuyisifiso seSilo esabuza uMdlokombane.

Ezisematheni

Uyaxolisa umphathi weKZNA obonakale elwa nomgijimi

Uyaxolisa umphathi weKZNA obonakale elwa nomgijimi

UMENGAMELI weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSteve Mkasi uthi uyazisola kakhulu ngokwenzekile lapho ebonakala kwiVideo elwa nomgijimi, egcwele ezinkundleni zokuxhumana. "Ngiyazisola kakhulu ngesenzo sami, sokuzithola ngikulesa simo obekuyinto ebengingayigwema. Ngibe...