Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ushaqwe ngamaphoyisa eseLodge obefunelwa awokubulala abesifazane

Ushaqwe ngamaphoyisa eseLodge obefunelwa awokubulala abesifazane

by | 8 October 2025

UNIKELWE ezandleni zamaphoyisa aseMpumalanga owesilisa obhadanywe ngamaphoyisa esendaweni yokulala esenkabeni yedolobha iTheku, obefunwa ngezinsolo zokubulala abesifazane, ezigamekweni ezahlukene.

Umsolwa (40) besekuphele iminyaka emithathu efunelwa amacala amabili okubulala. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, amaphoyisa athole umkhondo ngowesilisa obehlela ukubulala izingane zakhe.

Ubefunelwa icala lokubulala unina wezingane zakhe esigamekweni esenzeka eVolkrust, eMpumalanga, ngeNhlolanja (February) ku-2023. Kubikwa ukuthi, emuva kokugila lo mkhuba, umsolwa wabalekela eSwaziland nakhona okuvela ukuthi wafike wagila umuga ofanayo, ngokubulala intombi yakhe.

“Ngenkathi eboshwa umsolwa, kutholakale ukuthi ubehlela ukuyobulala izingane azithole nomufi wokuqala eVolkrust. Kusukela ngo-2023 ubelokhu ebalekela icala alenza eMpumalanga. Emuva kokuboshwa, ube esenikelwa emaphoyiseni aseMpumalanga okuyilapho khona ezobhekana namacala akhe,” kusho uNetshiunda.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...