Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuhlakazwe uphiko lwamaphoyisa obeluphenya ngokubulawa kosopolitiki eKZN

Kuhlakazwe uphiko lwamaphoyisa obeluphenya ngokubulawa kosopolitiki eKZN

by | 3 January 2025

NGUSINDISO Magaqa, owayengunobhala-jikelele we-ANC Youth League, owabulawa.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu usenqume ukuluhlakaza uphiko lwamaphoyisa obelubhekelele amacala athinta ukubulala okuhlobene nepolitiki KwaZulu-Natal.

Lolu phiko lwasungulwa ngo-2019 kulandela umbiko weKhomishana ka-Advocate Moerane Marumo, egcine yaziwa ngeleMoerane Commission, eyayiphenya ngokubulawa kosopolitiki esifundazweni.

Encwadini ayithumelele uMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uLt-Gen Fannie Masemola, uMchunu uthe lolu phiko lwamaphoyisa kalusizi ngalutho oluthinta ukusebenza kwamaphoyisa ezweni.

“Ngokubona kwami lolu phiko kalusadingeki ukuthi luqhubeke nokuba khona, futhi kaluwasizi ngalutho amaphoyisa ekusebenzeni kwawo. Yingakho nginqume ukuthi iSAPS Political Killings Task Team ihlakazwe,” kusho uMchunu.

Uthe lolu hlaka lwalusungulelwe ukuqeda, ukuphenya, nokuxazulula udaba lokubulawa kosopolitiki esifundazweni.
Uyalele ukuba lolu phiko luhlanganise umbiko ngomsebenzi oluwenzile selokhu lwasungulwa, bese luwethula kuyena.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...