Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuhlakazwe uphiko lwamaphoyisa obeluphenya ngokubulawa kosopolitiki eKZN

Kuhlakazwe uphiko lwamaphoyisa obeluphenya ngokubulawa kosopolitiki eKZN

by | 3 January 2025

NGUSINDISO Magaqa, owayengunobhala-jikelele we-ANC Youth League, owabulawa.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu usenqume ukuluhlakaza uphiko lwamaphoyisa obelubhekelele amacala athinta ukubulala okuhlobene nepolitiki KwaZulu-Natal.

Lolu phiko lwasungulwa ngo-2019 kulandela umbiko weKhomishana ka-Advocate Moerane Marumo, egcine yaziwa ngeleMoerane Commission, eyayiphenya ngokubulawa kosopolitiki esifundazweni.

Encwadini ayithumelele uMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uLt-Gen Fannie Masemola, uMchunu uthe lolu phiko lwamaphoyisa kalusizi ngalutho oluthinta ukusebenza kwamaphoyisa ezweni.

“Ngokubona kwami lolu phiko kalusadingeki ukuthi luqhubeke nokuba khona, futhi kaluwasizi ngalutho amaphoyisa ekusebenzeni kwawo. Yingakho nginqume ukuthi iSAPS Political Killings Task Team ihlakazwe,” kusho uMchunu.

Uthe lolu hlaka lwalusungulelwe ukuqeda, ukuphenya, nokuxazulula udaba lokubulawa kosopolitiki esifundazweni.
Uyalele ukuba lolu phiko luhlanganise umbiko ngomsebenzi oluwenzile selokhu lwasungulwa, bese luwethula kuyena.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...