Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuxhaswe amakilasi ka-matric alungiselela ukubhala izivivinyo

Kuxhaswe amakilasi ka-matric alungiselela ukubhala izivivinyo

by | 9 September 2025

NGESINYE sezikole sabafundi bakamatikuletsheni oNdini ebesemukela uhlelo
lokudla lokuxhaswa kwamakilasi antambama okulungiselela izivivinyo.

LWESEKWE ngoxhaso lwesizumbulu semali uhlelo lukamatikuletsheni lwasezikoleni zasoLundi, lwamakilasi ntambama nezimpelasonto nje-ngoba kulungiselelwa izivivinyo zokuphela konyaka.

Lezi zikole zamabanga aphakeme eziwu-56 zabelwe ku-R560 000 wokuba zikwazi ukuthenga ukudla kwabafundi. Uxhaso lukhishwe wumasipala wasoLundi, oholwa nguMnu Wilson Ntshangase oyiMeya. Ukubhalwa kwalezi zivivinyo zoku-phela konyaka sekusemome njengoba kuzoqala mhla ka-22 kuMfumfu (October).

UNtshangase uthi bathathe isinqumo sokweseka abafundi ngoba abanye babo bayawadoja lawa makilasi ngenxa yendlala.

“UMnyango wezeMfundo uhlinzeka ngokudla izinsuku eziyisihlanu esontweni kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. Akukho ukudla okutholwa ngabantwana ngezimpelasonto. Akukho futhi abakuthola ntambama.

“Ngakho-ke sifaka isandla siwumkhandlu ukuze bafunde ngazo zonke izikhathi uma bedingwa ngothisha. Sonke siyazi ukuthi ngeke umntwana aye esikoleni uma elambile,” kusho uNtshangase.

Uthi uma abafundi bedlile basutha, bayakwazi ukugxila ezifundweni zabo. Uthi lolu hlelo lubalulekile ngoba luzokwenza ushintsho emi-ndenini eminingi oLundi.

“Ezemfundo siyazeseka kakhulu. Ikati eziko liyoxoshwa wukwanda kwezifundiswa emphakathini. Njengoba le mali kungeyentela yabantu, lokhu esikwenzayo siseka abantu ukuze kuxoshwe ikati elilele eziko uma sebephumelele abantwana emphakathini wakithi,” esho.

Uthi umkhandlu wosoNdini ufuna ukwakha abaholi bakusasa, abazofunda bagogode bese beshintsha izwe.

“Yisikhathi esibi njengamanje. abantwana bayazilungiselela. Siyazi eminye imindeni iswele kakhulu – kumele silekelele,” esho.

Ngakolunye uhlangothi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe njengoba abafundi belungiselela ukuhlolelwa ukuphela konyaka, kodwa ubafisela nokuthi njengoba namhlanje ngoMsombuluko beqala ukubhala izivivinyo zikaMandulo (September), babhale kahle.

Ukubhalwa kwalezi zivivinyo zikaMandulo kuzophothulwa ngomhla ka-2 kuMfumfu. UMnu Muzi Mahlambi okhulumela umnyango kulesi sifundazwe uthe: “Njengoba bebhala abantwana, lezi zivivinyo yizona ezizoveza ukuthi ezokuphela konyaka zizobanjani.”

UNgqongqoshe wezeMfundo uMnu Sipho Hlomuka, unxuse abafundi ukuba basisebenzise kahle isikhathi ukuze bangazisoli, futhi basebenzise amakilasi engeziwe ukubuyekeza amaphepha amadala abhalwe ngokwedlule.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...