
INHLANGANO engenzi nzuzo i-Sagiya Foundation, ngokulekelelwa yi-National Arts Council of South Africa (NAC), iyajabula ukumemezela umkhankaso omkhulu nomkhosi wezobuciko oyingqophamlando obizwa ngokuthi Inaugural Bulwer Imbizo Yobuciko Capacity Building and Arts Festival. Lo mkhosi omkhulu uzoba ngomhlaka 25 Septhemba 2026, kusukela ngo 10h00 ekuseni kuze kushaye u5h00 ntambama. eDlangani High School.
Lo mgubho ulandela uchungechunge lohlelo lokufundisa umculo kanye nomsebenzi wezandla owaqala ngo July 2026 ozophuthulwa ngomhla ka 25 September lapho kobe sekunikezwa khona izitifiketi kubafundi bangalonyaka. “I-lNAC yakhe uhlelo lweminyaka emithathu lokuxhasa le projekthi. Le indlela eyingqayizivele yokugubha inyanga yamagugu.,” kuchaza umsunguli u-Atlas Duma weSagiya Foundation.
Abaculi abazobe benandisa amabhenanyawo okubalwa uBahubhe, uMkhanyiselwa Nabagqobhi, iChwane Lebhaca, Cindeshe nabanye abaningi. Imali yokungena R50 kuphela. Izingane zesikole ezizobe zigqoke umfaniswano zizongena mahhala.
Loluhlelo lulekelela ukuguqula impilo yomphakathi wase-Dr Nkosazana Dlamini Zuma (NDZ) Municipality ngokusebenzisa ubuciko namasiko njengesikhali sokuthuthukisa umnotho nokwelapha izinkinga zomphakathi. Abafunde abaphumelele kahle kuloluhlelo bazonikwa ithuba lokuqopha ama EP ngaphansi kwelebuli iSagiya Records.
Izinhloso eziqavile zalo mklamo zihlanganisa lokhu okulandelayo:
• Ukubumbana koMphakathi noKwakhiwa kweSizwe (Social Cohesion and Nation Building): Le phrojekthi izohlanganisa abantu base-NDZ abavela kumaWadi aw 15 akulomasipala ukuze babambe iqhaza kwezomculo kanye nemisebenzi yezandla (craft). Loluhlelo luzolekelela ukuthuthukiswa kwemikhiqizo yezobuciko, ukumaketha (marketing), kanye nokungenisa inzuzo ngokubambisana neSagiya Foundation, ukumema ubukhosi baseHlanganani Tribal Authority, KZN Department of Sports Arts and Culture kanye kanye nomasipala wendawo.
Ukuvulwa kwamathuba emisebenzi wezobuciko kwabesifazane nabakhubazekile: Umklamo umema futhi ubhekelele abantu abaphila nokukhubazeka kanye nabesifazane, ngokubafundisa imisebenzi yezandla.
Umphakathi wonke uyamenywa ukuba ube yingxenye yalo mhlahlandlela omkhulu wokuthuthukisa amakhono omphakathi waseBulwer nezindawo eziseduze.
Ukulwa neZinkinga zomPhakathi: Umkhosi uzoletha ochwepheshe nabakhulumeli abakhethekile (guest speakers) abazofika bazokhuluma baphinde badlulise imilayezo yokuthula eyalela ukulwa nokubandlululwa kwezizwe (xenophobia), udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (GBV), ukuhlukunyezwa (bullying), nobugebengu obunodlame obuhlanganisa izidakamizwa kanye namaqembu ezigebengu (gangsterism).







