Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uthembisa umculo othinta inhliziyo u-All Over

Uthembisa umculo othinta inhliziyo u-All Over

by | 15 August 2025

UTHEMBISA umculo othinta inhliziyo u-All Over osezinhlelweni zokukhipha i-EP yakhe yokuqala ngemuva kweminyaka ekhona kulo mkhakha.

Lo mculi oqale ukubhala umculo esafunda isikole lapho ebegxile khona emculweni we-hip hop utshele ILANGA ukuthi njengoba ekhuza ibuya usejike izinto kwazise usezigxile emculweni we-afro pop.

“Njengoba isikhathi sishintsha kubalulekile ukuthi nathi sihambisane nesikhathi ngoba sekucacile ukuthi abantu abasekho kwi-rap kodwa sebezifela nge-afropop,” kusho yena eveza ukuthi lolu hlobo lo mculo lumenza agxile kakhulu ekubhaleni ngendlela ejulile.

“I-EP yam engizoyidedela ngaphambi kokuthi kuphele unyaka izokhombisa abantu olunye ulangothi ngami nangendlela umculo wami ozobathinta ngayo izinhliziyo abantu,” kusho u-All Over.

Ngo-2019 uqale ukusebenza nenkampani iMasterPlan Entertainment esebenza noPlan B njengomdidiyeli wezingoma.

“Sisebenza kahle kakhulu noPlan B kanti nakuyo le EP ezophuma ngisebenza naye. Angingabazi abantu bazowuthokozela umsebenzi esiza nawo,” kusho u-All Over eveza ukuthi esezimisele ngokusebenza ngokugcwele emculweni njengoba konke abebhekene nakho phambilini usekudlulisile.

“Ngike ngathatha ikhefu ngenhloso yokulingisa izinto eziphathelene nami nomndeni wami. Engingakusho manje wukuthi konke sekudlulile sengibheke phambili,” esho.

Uthembise umculo omtoti ozothokozelwa ngabantu bamazinga ahlukene nalabo abakhulile nabancane.

Uthe umculo wakhe uzohlanganisa bantu abahlukene abakuleli nangaphandle kwaseNingizimu Afrika.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...