
BAFISA umculo wabo ufinyelele nakwezinye izifundazwe abaculi beGqom okunguBujwa noDzet abazinze eThekwini. Lezi zinsizwa zisanda kukhipha ingoma ehlanganise isiZulu neSepedi abayihlanganise noMaBless waseLimpopo.
“Esikubonile wukuthi abathandi bomculo kabakukhathalele kangako ukuthi ingoma iculwa ngaluphi ulimi, banendaba nesigubhu. Lokhu sikubone ngesikhathi siqashwe eLimpopo, nokuyilapho sithole khona ithuba lokusebenzisana nomculi wakhona,” kuchaza uBujwa.
Uthi lokhu kubagqugquzelile ukuthi baphumele ngaphandle kwesifundazwe bayoncela ulwazi kolunye uhlobo lomculo. ” Sithole ithuba lokuhlanganisa uhlobo lomculo olubizwa ngeLekompo neGqomu yethu evutshelwe eThekwini kwaphuma ingoma ebesingacabangi ukuthi ingahlangana,” kuchaza yena. Lezi zinsizwa zikhiphe i-EP entsha enezingoma eziwu-5 abanethemba lokuthi abathandi be-Gqom bazoyithokozela. “Bakhona asebetshengise ukuyithakasela, bayishera nasezinkundleni zokuxhumana, nokwenze sagcina senze i-music video,” esho.

Uthi bayalithokozela ithuba lokuqashwa njengamaciko asakhula bashikishe isisteji nabaculi abaziwayo. “Emkhakheni esikuwona akulula, kuyancintiswana kakhulu futhi kuya nangokuthi wazi bani. Nakuba kunjalo siyakujabulela esikutholayo ngoba singamaciko azimele, siyazimakethela siphinde siziphushele umculo,” kuchaza uBujwa.
Ebuzwa ukuthi kungani bekhethe ukuzimela ngaphansi kwelebuli yabo, iNcika Nation Records uthi: “Ukuzimela kuza nenkululeko yokukhipha ngesikhathi ofisa ngaso futhi ucikoza ngendlela othanda ngayo ngaphandle kokulawulwa,” esho. Uthi isifiso abanaso wukubuyela emphakathini wangakubo bayovukuza ithalente.”Sifisa ukwenza imicimbi emakhaya, ikakhulu la sidabuka khona KwaNgcolosi ngoba izinto eziningi azifinyeleli khona.” Kumanje baphusha ingoma ethi ‘Sorry kovukayo’ athi igxile esikhathini samaholidi kaKhisimusi agcwele injabulo.







