Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Usomahlala uthi kumkhulisile ukusebenzisa nesiNgisi

Usomahlala uthi kumkhulisile ukusebenzisa nesiNgisi

by | 19 October 2025

UZISHAYA isifuba usomahlaya uSifiso Nene ngokukhula emkhakheni wezamahlaya, nokukwazi ukufinyelela kwezinye izinhlanga. Le nsizwa yaseMpangeni esizinze eGoli, eseyiqede iminyaka ewu-15 kulo mkhakha, ithi konke lokhu bekungeke kwenzeke ngaphandle kokwesekwa ngabantu.

Lo somahlaya ozakhele ugazi ngamahlaya akhe athi, “Baby Mama Drama”, kulokhu unyathela ngolunye unyawo njengoba ingqikithi izothi yeShow yakhe yakamuva ithi, ‘Because of Success’.

“La mahlaya agxile endleleni ebengiphila ngayo, iningi liyangazi ngesikhathi ngisaqala kulo mkhakha eBat Centre, eThekwini. Ngixoxa ngohambo lwami, sengithenga ezitolo zomntakabani, ngisebenzisa
o-medical aid, futhi sengihlala koSandton,” esho.

USifiso uthi eminyakeni eyedlule ubelokhu eziphonsela inselelo yokuthi ufuna ukufinyelela nakwezinye izinhlanga. Uthi kunezindawo lapho akade esazi khona ukuthi nakanjani uzokuthola ukwesekwa nxashana enza umcimbi.

“Kodwa-ke njengomuntu neciko kubalulekile ukuthi ngikhule, ngingene nakwezinye izifundazwe. Umuntu uma esebenza uyakhula, lokho kungisize nasekutheni ngikwazi nokungena kwezinye izindawo ezinjengoShowmax,” esho.

Ezinyangeni ezizayo uthi uzoba nomcimbi wamahlaya phesheya kwezilwandle e-Australia naseNew Zealand.

“Siyahlekisa eKZN njengosomahlaya kodwa kubalulekile ukuthi siphumele nangaphandle, babone ithalente lethu. Lokho kuba lula uma uzozimisela njengeciko, uqhamuke nokwehlukile ukuze nabanemicimbi bakwazi ukukumema emicimbini yabo.

“Uma uzothembela ekubhukhweni ngeke uyendawo, ama-shows mancane. Ngakho-ke kulele kusomahlaya ngamunye ukuthi wenza njani ngomsebenzi wakhe ukuze akhule, ehluke futhi avelele,” esho.

Amathikithi omcimbi wakhe waseThekwini ozokuba ngomhla ka-08 Novemba, eSuncoast, uthi ahambisa okwamakhekhe abhakiwe. Echaza ngalokhu, uthi kumlethela injabulo.

“Kuyisifiso salo lonke iciko, ngeke ngikuthathe kancane ukudayiswa kwamathikithi omcimbi ngale ndlela. Kuyangigqugquzela kakhulu, isifiso sami ngesokuthi ngibe nozinzo naphesheya kwezilwandle,” kuphetha uNene.

Amathikithi alo mcimbi atholakala eWebtickets.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...