Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Usomahlala uthi kumkhulisile ukusebenzisa nesiNgisi

Usomahlala uthi kumkhulisile ukusebenzisa nesiNgisi

by | 19 October 2025

UZISHAYA isifuba usomahlaya uSifiso Nene ngokukhula emkhakheni wezamahlaya, nokukwazi ukufinyelela kwezinye izinhlanga. Le nsizwa yaseMpangeni esizinze eGoli, eseyiqede iminyaka ewu-15 kulo mkhakha, ithi konke lokhu bekungeke kwenzeke ngaphandle kokwesekwa ngabantu.

Lo somahlaya ozakhele ugazi ngamahlaya akhe athi, “Baby Mama Drama”, kulokhu unyathela ngolunye unyawo njengoba ingqikithi izothi yeShow yakhe yakamuva ithi, ‘Because of Success’.

“La mahlaya agxile endleleni ebengiphila ngayo, iningi liyangazi ngesikhathi ngisaqala kulo mkhakha eBat Centre, eThekwini. Ngixoxa ngohambo lwami, sengithenga ezitolo zomntakabani, ngisebenzisa
o-medical aid, futhi sengihlala koSandton,” esho.

USifiso uthi eminyakeni eyedlule ubelokhu eziphonsela inselelo yokuthi ufuna ukufinyelela nakwezinye izinhlanga. Uthi kunezindawo lapho akade esazi khona ukuthi nakanjani uzokuthola ukwesekwa nxashana enza umcimbi.

“Kodwa-ke njengomuntu neciko kubalulekile ukuthi ngikhule, ngingene nakwezinye izifundazwe. Umuntu uma esebenza uyakhula, lokho kungisize nasekutheni ngikwazi nokungena kwezinye izindawo ezinjengoShowmax,” esho.

Ezinyangeni ezizayo uthi uzoba nomcimbi wamahlaya phesheya kwezilwandle e-Australia naseNew Zealand.

“Siyahlekisa eKZN njengosomahlaya kodwa kubalulekile ukuthi siphumele nangaphandle, babone ithalente lethu. Lokho kuba lula uma uzozimisela njengeciko, uqhamuke nokwehlukile ukuze nabanemicimbi bakwazi ukukumema emicimbini yabo.

“Uma uzothembela ekubhukhweni ngeke uyendawo, ama-shows mancane. Ngakho-ke kulele kusomahlaya ngamunye ukuthi wenza njani ngomsebenzi wakhe ukuze akhule, ehluke futhi avelele,” esho.

Amathikithi omcimbi wakhe waseThekwini ozokuba ngomhla ka-08 Novemba, eSuncoast, uthi ahambisa okwamakhekhe abhakiwe. Echaza ngalokhu, uthi kumlethela injabulo.

“Kuyisifiso salo lonke iciko, ngeke ngikuthathe kancane ukudayiswa kwamathikithi omcimbi ngale ndlela. Kuyangigqugquzela kakhulu, isifiso sami ngesokuthi ngibe nozinzo naphesheya kwezilwandle,” kuphetha uNene.

Amathikithi alo mcimbi atholakala eWebtickets.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...