Ilanga News
Home 9 Ezezindlu Featured 9 Uthi kushintshe impilo ngokulingisa ekaZoleka kwiNimba

Uthi kushintshe impilo ngokulingisa ekaZoleka kwiNimba

by | 3 June 2026

UVUMA eyezingqinamba nokushintsha kwempilo yakhe ngokudlala indawo kaZoleka Ngcukana emdlalweni Inimba, uLunathi Mampofu (osesithombeni), ongumlingisi oqavile kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic (Channel 161), phakathi nezinsuku.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo neLANGA, uveze ukuthi uzizwa ebusisekile ngokudlala le ndawo kaZoleka ongowesifazane ophumelele, kodwa obhekana nezinkinga zansuku zonke zempilo. Uthe ukudlala le ndawo kulo mdlalo osungene kwisizini yesibili, akuzange kube lula; bekumele akwazi ukuyiveza ngokweqiniso ngendlela, futhi ezoba yisifundo nakwabanye besifazane.

“UZoleka umele bonke abantu besifazane abaphumelele, abenza kahle empilweni, kodwa okumele babhekane nemindeni, kanjalo nezingqinamba zempilo yansuku zonke,” kusho uLunathi.

Uthe ubona le ndawo sengathi ababhali balo mdlalo babeyibhalela yena ngqo, njengoba naye ake abhekana nesimo esifuze lesi.

“Nami kube nesikhathi lapho ngike ngazama impilo ngise-America, ingane yami ilapha eNingizimu Afrika, ngiyishiyile ngiyozama amadlelo aluhlaza. Kwakungelula nakimina ngaleso sikhathi, kodwa kwakumele ngihambe ngoba ngangiyozamela yona impilo engcono,” kusho uLunathi.

Uthe abesifazane kunesikhathi lapho kumele bathathe izinqumo ezinzima, ukwenza impilo engcono emindenini yabo.

“Kwesinye isikhathi uma usithatha leso sinqumo kuba nzima, abantu bakujaje, kodwa ngokuhamba kwesikhathi siba nomvuzo omuhle, ozophilisa bona labo abebengahambisani naso,” esho.

Uthi kule sizini yesibili kuningi abantu abasazokubona ngalo mdlalo, njengoba kuwumdlalo owenza kahle kumabonakude, futhi osaqhubeka nokuwola izindondo.

Lo mdlalo ugabe ngabalingisi abanegama okubalwa kubona uZenande Mfenyana, uSiyabonga Shibe, uLoyiso McDonald,uNkanyiso Makhanya, uSisa Hewana, u-Ayakha Ntunja nabanye. ULunathi uthe kuyisibusiso ukulingisa nabalingisi abawuthandayo umsebenzi wabo, futhi abazinikelayo ngaso sonke isikhathi.

“Yibona abenza lo mdlalo ube yimpumelelo ngokuhlanganyela nababhali, abaqondisi nabadidiyeli, nabo bonke abayingxenye yokukhiqizwa kwawo.”

Ezisematheni

OwaseKZN nowaseGauteng kowokwakha ubumbano emahostela

OwaseKZN nowaseGauteng kowokwakha ubumbano emahostela

UNDUNANKULU wakwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli noMnyango wezokubusa neziNdaba zoMdabu , bazobe behambe namakhosi ezizwe beyohlangana nezinsizwa emahostela esifundazweni eGauteng. Umcimbi usehostela eBuyafuthi eGoli kusasa ngoMgqibelo. Ngokwesitatimende esikhishwe...

Inkantolo ivune uRamaphosa kolwePhala Phala

Inkantolo ivune uRamaphosa kolwePhala Phala

INKANTOLO eNkulu yaseWestern Cape ngoLwesihlanu, ivune uMengameli Cyril Ramaphosa esicelweni sakhe esiphuthumayo abesifake kuyona ukuthi ikomiti lasePhalamende lingaqhubeki nezinhlelo zokumthathela izinyathelo ngodaba lwePhala Phala. Yize kuphume lesi sinqumo kodwa...