Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UKhuzani uvuleke amehlo ngezimpi zasemculweni

UKhuzani uvuleke amehlo ngezimpi zasemculweni

by | 19 November 2024

MTHOBISI SITHOLE

USEPHUMILE empini yasemculweni kamaskandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose (osesithombeni). Lokhu kugqame kwi-albhamu yakhe entsha esematheni, ephume ngoLwesihlanu ntambama, ethi “Angidlali Nezingane”. Utshele ILANGA ukuthi inhloso yakhe manje ngomculo wakhe, wukuthi ajabulise abantu abaningi okubalwa nalaba “abebeyizitha zakhe’, ngenxa yezinkulumo ezithile azikhulume eminyakeni edlule
emculweni wakhe. 

“Izimpi zingithole ngendlela, kangizelanga zona emculweni. Kufanele sikhumbule ukuthi abantu bajatshuliswa yingoma. Ngakho-ke kubalulekile ukukhumbula inhloso yokungena kwezomculo,” kusho uKhuzani.

Uthe okunye okumvule amehlo wukuthi abathandi bomculo wabo bagcina sebegxila ezingomeni zempi, hhayi ezinomyalezo. “Uma abantu begxila ezingomeni zodlame, lokho kubeka impilo yabo engcupheni ngoba baklolodelana ngezinto ezisusa uthuthuva. Kangisazifuni izitha, kwalezi enginazo ziningi sengifuna ukuzinciphisa. Konke lokho kuzokwenzeka ngokuthi ngiyijike le nto yokungcofa, ngigxile engomeni nokuzichomela ngemiklomelo engiyizuze ngawo umculo,” esho.

Ukhuzani ukhiphe i-albhamu enezingoma eziwu-19. Kulezi zingoma, kayikho enamagama adicilela phansi isithunzi sezimbangi zakhe emculweni. Engomeni ebilindelwe ngamehlo abomvu ethi “Angidlali Nezingane” kwande kakhulu ukuchoma ngokuhlabana kwakhe kwezomculo nezinto azenzayo ezimenza abesematheni kubathandi bomculo wesintu.

“Ezinye izingoma bengizenza zibe mnandi, kodwa zigqame emuva kwesikhathi eside ngoba abantu baphuthuma ukuyolalela lezi zochuku,” kusho uKhuzani.

Le ngoma ethi “Angidlali Nezingane” isinama-views angaphezulu kuka-1 million kuYouTube kanti ezinye eziningi zinangaphezulu kuka-500 000. Izingoma okubukeka zidla ubhedu, kubalwa kuzona ethi “Imbongolo” nethi “Intshebe Yami” 

mthobisis@ilanganews.co.za    

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...