Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UMawhoo noLwah Ndlunkulu bahlangane bakhipha ekamaskandi

UMawhoo noLwah Ndlunkulu bahlangane bakhipha ekamaskandi

by | 21 August 2026

KUZOVALEKA igebe kumaskandi ngokuhlanganyela kwezindlovukazi zaKwaZulu emculweni uLwah Ndlunkulu noMawhoo, abethule i-albhamu yabo ngokusemthethweni.

Lezi zintokazi ezizibiza ngokuthi zingamaZulu Queens, sezike zapikana phambilini engomeni esihloko sithi, Nembeza. NgoLwesithathu zimangaze abaningi, zethula le albhamu okulindeleke ukuba iphume ngomhla ka-28 kwephezulu.

Ngalo uLwesithathu, ziphinde zadedela enye yezingoma ezotholakala kule albhamu esihloko sithi, Distance, ezipike kuyona uFeza.

Ekhuluma ngokuhlanganyela kwabo uMawhoo uthe, selokhu baqala emculweni bebehlale beyiqhakambisa imvelaphi yabo, njengoba bedabuka ezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal.

Uthe ukuhlanganyela kwakhe noLwah, kuzovala igebe phakathi kukamaskandi wamzukwana nowesimanje, osukwazi nokuheha abantu abasha.


“Ukwethulwa kwale albhamu, kusayisiqalo sezinto ezinkulu ezizayo nesisazimisele ukuzenza sobabili emculweni,” kusho uMawhoo.

UMawhoo oseke wahlabana ngezindondo ngomculo wamapiyano nomaskandi, uke wahlanganyela neGcokama Elisha, bakhipha ingoma ehlukanise unyaka emisakazweni eyahlukene esihloko sithi, Gucci.

Ngakolunye uhlangothi uLwah, uthe ukuhlanganyela kwakhe noMawhoo, kuqhakambisa ubumbano lwabantu besifazane emculweni.

ULwah naye uke wakhipha ingoma ngokuhlanganyela neGcokama ethi, iParis.

Le albhamu entsha iqukethe izingoma
eziwu-15, kunezingoma lapho kupikwe khona abaculi abahlukene bakamaskandi okubalwa Izingane Zoma, noSiya Ntuli.

Umdidiyeli wale albhamu uLeroy Khoza, uthe kube yintokozo ukubona lezi zintokazi zihlanganisa lo msebenzi, ozithathe amasonto amabili.

Ezisematheni

UMbeki ukhwele mwadilika kwi-ANC kungwatshwa uMlambo-Ngcuka

UMbeki ukhwele mwadilika kwi-ANC kungwatshwa uMlambo-Ngcuka

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnu Thabo Mbeki usebenzise ithuba ukugxeka i-African National Congress (ANC)  ekhala ngokwehla kwezibalo zabantu abayivotele njengoba bekuwukhetho loHulumeni baseKhaya. Ubethula inkulumo emngcwabeni kaDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka ebiseXesi,...

UMashaba ugcine elithathile iGoli abelibanga noZille

UMashaba ugcine elithathile iGoli abelibanga noZille

UMBANGO womkhandlu waseGoli phakathi kukaNkk Hellen Zille weDemocratic Allience (DA) noMengameli we-Action SA, uMnu Herman Mashaba ugcine uphelile emva kokuwina koyedwa kulaba baholi. UMashaba ugcine ekwazile ukuphumelela ekubeni yimeya yaseGoli. Ngesikhathi bevotelwa...