Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzibambele yena ungqongqoshe ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu emigwaqweni

Uzibambele yena ungqongqoshe ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu emigwaqweni

by | 3 December 2024

NGUNGQONGQOSHE wezokuThutha nokuHlaliwa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, exhawula umgibeli wemoto.

NONHLAKANIPHO SHINGA

UNGQONGQOSHE wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, noMkhuzi wamaphoyisa esifundazweni, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, baqhube umkhankaso wezokuphepha ngokwenza isivimbamgwaqo eMariannhill Toll Plaza ngoLwesibili, ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu emigwaqweni.

Ngokusho kukaDuma, inhloso yabo bewuhulumeni wukuqinisekisa ukuthi izimoto ezisemgwaqweni zisesimweni esifanele nokuthi amatekisi athutha abagibeli anezimvume zokusebenza.

“Besiqinisekisa futhi ukuthi izimoto ezithutha abagibeli zisesimweni esiphephile nokuthi kabekho abantu abaphethe izidakamizwa ezimotweni zabo,” kusho yena.

Bebehlola nokuthi abashayeli bezimoto banawo yini amalayisensi nokuthi kabashayeli bedle amanzi amponjwana, nokuthi kabathuthi imfuyo eyebiwe, noma bahamba ngezimoto ezebiwe.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...