Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzibambele yena ungqongqoshe ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu emigwaqweni

Uzibambele yena ungqongqoshe ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu emigwaqweni

by | 3 December 2024

NGUNGQONGQOSHE wezokuThutha nokuHlaliwa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, exhawula umgibeli wemoto.

NONHLAKANIPHO SHINGA

UNGQONGQOSHE wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, noMkhuzi wamaphoyisa esifundazweni, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, baqhube umkhankaso wezokuphepha ngokwenza isivimbamgwaqo eMariannhill Toll Plaza ngoLwesibili, ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu emigwaqweni.

Ngokusho kukaDuma, inhloso yabo bewuhulumeni wukuqinisekisa ukuthi izimoto ezisemgwaqweni zisesimweni esifanele nokuthi amatekisi athutha abagibeli anezimvume zokusebenza.

“Besiqinisekisa futhi ukuthi izimoto ezithutha abagibeli zisesimweni esiphephile nokuthi kabekho abantu abaphethe izidakamizwa ezimotweni zabo,” kusho yena.

Bebehlola nokuthi abashayeli bezimoto banawo yini amalayisensi nokuthi kabashayeli bedle amanzi amponjwana, nokuthi kabathuthi imfuyo eyebiwe, noma bahamba ngezimoto ezebiwe.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...