Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Uthando lwemali alwehlukene nomuntu ocwile ezidakamizweni

Uthando lwemali alwehlukene nomuntu ocwile ezidakamizweni

by | 30 September 2025

UDLAME esilubona ezindaweni eziningi, kungaba yisematekisini, yisezikhungweni zikahulumeni, yisezinkampanini ezizimele, lonke umsuka walo, yimali. Ngamafuphi, wukuthanda imali ngokweqile.

Uma uthanda imali ukwedlula impilo yomuntu usuke usuyingozi kuwe, emndenini, abangani nakwabanye abantu. Phela konke okuvimbe endleleni yalowo otha-nda imali, ukubuka njengento okumele ishatshalaliswe. Indaba kamabulala isuka lapho isikhathi esiningi.

Into abangayiqondi abantu wukuthi ukubulala kubiza okunye ukubulala, kanti nawe ugcina ubulewe noma usejele. Uma ukufa kungakafiki, uphila njengenyamazane, kwamali leyo oyibulalelayo uyidla ujeqeza. Wonke umuntu onento ayithole ngendlela engalungile, uhlale ethuka izanya.

Noma ungagadwa kanjani, nakuwe kugcina kufikile okade ukwenza kwabanye. Konke lokhu kungenxa yokuthi lowo othanda imali ngokweqile, ubona sengathi imali ifanele yena kuphela. Abanye babulala ngisho abantwana babo ngenxa yothando lwemali. Kuze kuthiwe imali yimpande yesono. Cha mina ngithi uthando lwemali ngokweqile, yimpande yesono.

 Empeleni imali kumele kube yimpande yokuphila, hhayi yesono. Abantwana bethu bacwile ezidakamizweni ngenxa yalabo abakhonze imali ngokweqile. Abanandaba nokuthi itholakale ngokuchitheka kwegazi labantu.m Kusanda kuvela into eshaqisayo, ukubanjwa kwabantu bangaphandle epulazini, bekhiqiza izidakamizwa.

Ongqondongqondo balokhu ngabantu abasuka ezweni laseMexico. Leli lizwe lidume kabi ngokukhiqiza izidakamizwa nokubulalana ngenxa yamaqembu ezidakamizwa. Kula mazwe ngisho abezomthetho basemaphaketheni ala maqembu ezidakamizwa. Lezi zidakamizwa zikhiqiza inhlobonhlobo yobugebengu. Phela ukuze kuthengwe umkhiqizo wezidakamizwa, kumele kube nemali.

Labo abacwile kulezi zidakamizwa benza ubugebengu ukuze bathenge lezi zidakamizwa. Abantu abasha yibona abaphenduka izisulu zezidakamizwa, ngenxa yokuthanda izinto, kanti abanye bayalutheka ngenxa yokuhlupheka. Sekukaningi sizwa ukuthi abantu besifazane bakhona lapha ezweni lethu babanjwe nezidakamizwa emazweni angaphandle. 

Abaningi baluthwa ngokuthenjiswa umsebenzi, kanti kudlalwa ngabo. Abanye basetshenziswa njengezigqila zocansi. Phela izidakamizwa, nocansi kuhamba ndawonye. Into ebuhlungu wukuthi labo abaphezulu ekudayiseni lezi zidakamizwa, ezabo izingane azizilokothi nhlobo, abanye babo kwabona abazithinti nhlobo. 

Nakomakhelwane bami ngiyaye ngibone abafanyana bebhema ugwayi, ngisho ukuthi sekuqalile. Kuyadinga ukuthi abazali bakhulume nabantwana babo ngo-bungozi bezidakamizwa. Phela izidakamizwa zibulala amaphupho abantu, ziphinde zibulale bona uqobo lwabo. 

Into ebuhlungu wukuthi kulimala mina nawe uma lamaphupho abantwana engafezeki, ngoba ngabe asiza ekuthuthukiseni isizwe. Sesiphelelile isikhathi lapho abazali babesatshwa yizingane zabo. Esikhathini samanje umntwana kumele akuhloniphe, angakusabi. Uma ekusaba, ngeke akutshele izinkinga abhekene nazo. Ngisho edlwenguliwe, ngeke asho ngoba uyakwesaba.

Esikhathini samanje ngisho abafanyana bayadlwengulwa, into engakholakali. Ukuhlangana kwezinhlobonhlobo zabantu nezindlela zokuziphatha nokucabanga, kwenza kwakheke amasiko nemikhuba eyindida kwabanye. Abazali kumele babe phambili ngokucabanga, ukuze basize abantwana babo.

Into eyinkinga kakhulu wukuthi abazali abaningi ngabantu abancane, nabo abasadinga ukukhalinywa, basizwe. Mhlawumbe yingakho sikulesi simo esikuso. Abanye abantwana abanabo abazali abayizibonelo ezinhle. Phela inkalankala ihamba lukeke, ngakho nayo iyozala abantwana abahamba lukeke. Njengoba ubhema ugwayi phambi kwengane yakho, nayo iwubona njengento enhle ngoba yenziwa ngumzali wayo.

Njengoba ufika nezinto ezintshontshiwe, nayo izogcina iyisela ngoba ifunde kuwe, uyondla ngemali yobusela. Nayo izokwakha umndeni wamasela. Kogcina kuthiwa yisemaseleni. Uthando lwemali alwehlukene nomuntu ocwile ezidakamizweni, ngoba uma eke wabona imali, uvaleka ingqondo.

 • UMnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transformation. Wayengumqondisi: KZN Office of the Premier: Community Partnership and Moral Regeneration. Ungumbhali wencwadi ethi: “Talking to yourself, the journey to self-discovery”. Uyatholakala ku: nkwanyanacb60@gmail.com. Ucingo neWhatsApp ku: 066 544 5466

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...