Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Uzodilikelwa yijele owafuna u-R1.5k kwabambona ebulala

Uzodilikelwa yijele owafuna u-R1.5k kwabambona ebulala

by | 25 March 2026

LIKHWELE ladilika kumbulali olahlwe ngamacala amathathu okubulala ijaji, linengwa wukungakhombisi kwakhe ukuzisola, nokuzwelana nemindeni yezisulu. Ijaji uRobin Mossop, likhombise ukunengeka, ligweba uSiphamandla Gumede (29), udilikajele neminyaka ewu-30, ngamacala okubulala uMnu Edwin Zungu, uMnu Simo Luthuli noMnu Bongani Mhlongo, ezigamekweni ezenzeka phakathi kuka-2018 no-2024, eNkantolo eNkulu yaseMthunzini, ngoLwesihlanu.

UGumede ugixatshezwe ngenhlawulo ka-R300 ngecala lokushaya ngezimpama uMnu Siphandla Ngema. Ngesikhathi uGumede esebulele uZungu noLuthuli (agwetshwe iminyaka ewu-15, icala ngalinye), kuvela ukuthi wafuna imali yokuyogeza isinyama ewu-R1 500 umuntu emunye, kofakazi ababili abazibonela ngamehlo kubulawa abafi. 

UGumede uvele udonsa isigwebo sodilikajele abayisihlanu neminyaka engaphezulu kuka-20 ngamacala okubulala abayisihlanu, ukuzama ukubulala nokubamba inkunzi, okuthiwa enzeka ngo-2023. Lethula isigwebo ijaji, lizwakalise ukuphatheka kabi ngokuthi uGumede useze wagwetshwa engakaze aziveze enkantolo izizathu ezaholela ekutheni abulale abafi.

“Ukungazidaluli izizathu ezenze wabulala abafi kukubeka ngokusobala lokuthi uyinkabi, umbulali ongenanembeza, othola imali ngokuthatha imiphefumulo yabanye abantu. Umuntu uba nempilo eyodwa. Wena eyakho ukhethe ukuyimosha ngokuhamba ubulala abantu. Kuyilungelo lakho-ke vele ukuthi uyimoshe, okubi wukumosha nezabanye,” kusho uMossop.

Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwaleli cala, ubufakazi obethulwe ngufakazi wombuso, uMnu Simo Bethwana, owayekhona ngesikhathi kubulawa uZungu noLuthuli, utshele inkantolo ukuthi yena, abafi, uNgema, uGumede owayena-22 ngaleso sikhathi, nabanye besilisa, basuka emcimbini beyophuza emzini owawuhlala uLuthuli.

Uthe ngabo 01h00 ekuseni, uGumede wathuma uNgema ugwayi, okwathi uma enqaba, wamshaya ngezimpama. Uthi uLuthuli wabe esencenga uNgema ukuba ahambe ngaphambi kokuthi izinto zonakale. Utshele inkantolo ukuthi esehambile uNgema, uGumede wakhipha isibhamu esiyivolovolo ebhantshini ayeligqokile, wakhipha nenhlamvu yaso esicathulweni, wayalela uLuthuli ukuba ayifake esibhanyini. 

Uthi uLuthuli waxolisa, kodwa ummangalewa, wamshaya ngenduku ekhanda emphoqa ukuba afake inhlamvu. Ngemuva kokuyifaka, kuthiwa uGumede wabe esemdubula ekhanda. 

UBethwana uthi wasukuma nomunye wesilisa, babaleka, bayoma buqamama lapho uGumede ayekhona. Uthi uGumede wabatshela ukuthi yibona abazothwala izindleko zakhe zokuyogeza ngoba babalekile ngesikhathi ebulala uLuthuli. Uthi wathola ngosuku olulandelayo ukuthi noZungu ubulawe noLuthuli, lapho uGumede ayesebatshela khona ukuthi kumele bakhokhe u-R1 500 umuntu ngamunye, wagcina emnike u-R120, lo omunye wesilisa wathi uno-R500 kuphela.

ILANGA labika ngokubulawa kukaMhlongo, owadutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu esesikoleni iMafunda Secondary, khona eshowe. Umfundi owazibonela ngamehlo kubulwa uMhlongo, utshele le nkantolo ukuthi wakwazi ukubona uGumede edubula ngoba iwindi lemoto ayehamba ngayo, lalivuliwe. Uthi ngesikhathi kuqhuma isibhamu, yena nabanye abafundi babaleka bayophuma ngesango, eduze kwemoto kammangalelwa.

Umphenyi wecala uSayitsheni Simphiwe Ndlovu, utshele inkantolo ukuthi bekunzima kuleli cala ngoba uGumede ubesabisa ofakazi yize ebephakathi ejele. Uthe ofakazi abaningi bagcine sebehoxa ngoba bezibona bengaphephile. Uthi naye kukhona abesilisa abazama ukumkhokhela ukuba ahoxe kuleli cala, kodwa wabachitha. Uthe ummangalelwa wabanjwa ehamba ngayo imoto eyabonwa ngumfundi ngesikhathi kubulawa uMhlongo. Okwavela wukuthi bekungeyomunye wesilisa amjwayele, owagcina ebulewe.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...