Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzohlonishwa ngencwadi uMazibuko weMambazo

Uzohlonishwa ngencwadi uMazibuko weMambazo

by | 18 April 2026

UZOHLONISHWA ngencwadi ezobe ikhuluma ngempilo yakhe nangemicimbi yokumkhumbula minyaka yonke u-Albert Mazibuko oyinkakha leqembu iLadysmith Black Mambazo obekwe endlini yakhe yokugcina ngoMgqibelo ekuseni ngaphambi kokuthi kuqale inkonzo yakhe yomngcwabo.

UMazibuko udlule emhlabeni emasontweni amabili adlule ngemuva kokuxinwa wukugula isikhashana.

Ngokusho kukaXolani Majozi oyiManager yeLadysmith Black Mambazo nakuba uMazibuko ebesethathe umhlala phansi kuleli qembu kodwa ubesaqhubeka nokuba ingxenye yalo uma lizilungiselela futhi eqhubeka nokulicathulisa njengoba ebesefana noyise kumalungu alo.

UMajozi uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi igama likaMazibuko kalishabalali njengoba eveze ukuthi bazoshicilela incwadi ezokhuluma ngempilo yakhe baphinde bakhiphe neziqophamlando ezizobe ziveza iqhaza namagalelo akhe. Uthe kuzoba nemicimbi abazoyihlela ukumkhumbula minyaka yonke.

Enkonzweni yomngcwabo ebiseMtshezi High School e-Estcourt ebihanjelwe izicukuthwane ezahlukene uMazibuko uchazwe njengenqolobane yeqembu njengoba nguyena obesesele kumalungu okuqala aleli qembu.

Phakathi kwezicukuthwane ebezihambele le nkonzo kubalwa uNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli, iPhini likaNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uMnu Sihle Zikalala, uMnu Zizi Kodwa oke waba nguNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko nezemiDlalo kuzwelonke, iMeya kaMasipala waseMtshezi uMnu Mduduzi Myeza, uNkk Bongi Sithole Moloi nezinye.

Le nkonzo ibihanjelwe nangamaciko ahlukene okubalwa kuwo iNcandweni Christ Ambassadors, Thee Legacy, Abanqobi, Phindi P obengumphathi wohlelo namanye.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...