Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Bajabulele isigwebo sowabulala izihlobo

Bajabulele isigwebo sowabulala izihlobo

by | 18 February 2025

UFIKELWA yisibibithwane uma ecabanga usuku anikela ngalo ngeminingwane yakhe ebalulekile kudadewabo ogwetshwe odilika-jele ababili kanye neminyaka eyishumi ebhadla ejele. UNkz uNkz Sindisiwe Shongwe (50) waseMacambini eMandeni ongudadewabo kaSandile Manqele (36) ogwetshwe odilikajele ababili neminyaka eyishumi yiNkantolo eNkulu yaseMadadeni, eNewcastle ngoLwesithathu.

UManqele ugwetshwe kanye noQondeni Mhlongo (51), uSnqobile Sgora Zondi (24) uSandile Dumisani Sikhakhane (22) kanye noRitta Mthembu (66). USandile uvela njengomuntu owayengungqondongqondo owakhanda itulo lokubulawa kwabantu. Kuvela ukuthi ubethathela izihlobo umshwalense maqede zibulawe uma isivuthiwe. USindisiwe noSandile bayizelamani.

USandile ubemthathele umshwalense wokumgcwaba uma efa. Ngokwemininingwane esenkantolo uSandile wayezokhokhelwa isamba semali ephindiwe kabili uma udadewabo lo amkhavile efa ngengozi. Ngokohlelo kwakumele abulawe yinkabi ngomhlaka 27 kuZibandlela (December) 2022 kodwa inkabi yafike yaphambanisa yabulala indodakazi yakhe uLondiwe Shongwe (24) owayenezinyanga ezintathu ekhulelwe. UNkz Shongwe ube nenkulumo ekhethekile neLANGA, waveza okukhulu ukuzisola.


“Ngijabule kakhulu ngesigwebo esitholwe ngudadewethu okulamana omama bethu. Bengimethembile, ngingamcabangeli lutho olubi. Esinye isihlobo sethu sangixwayisa ngokuthi uzongibulala ngenkathi ngisixoxela ukuthi ngimnike izinto zami ezibalulekile. Kimina wayecele imininingwane yami ukuze angibhalise ezimalini zakhe okuyothi uma efa, ngisale ngimbhekela ingane yakhe ngoba yimi kuphela umuntu amethembayo emndenini.”

“Ngokukhulu ukunganaki, ngamthumelela iminingwane yami. Uyaluqalekisa loluya suku. Ngabe kuncono ukube kwafa mina ngoba kwaba ubudedengu bami. Ukuba angiyikhiphanga iminingwane yami, ngabe iyaphila indodakazi yami. Kusuke la kwenzeke lesehlakalo umndeni wakomalume uhlukene phakathi,” echiphiza izinyembezi.


Ulanda ngokwenzeka kudutshulwa indodakazi yakhe.” Ngangifika ekhaya ngiphuma emndenini ebusuku ngikhathele, ngalala. Ebusuku ngezwa ukuqhuma, ngangizitsheli ukuthi isibhamu. Ngavuka ngezwa umama wami ememeza ethi bayibulala ingane yakho, ngabuza ngathi iphi?. Wakhomba, wathi ibaleke yaya le esho ekhomba egcekeni. Nebala ngayicinga ngayithola ilele ubuchopho busaphake bugcwele phansi negazi. Kwaba sengathi ngiyaphupha, esho.

“Ungenze into embi ubengifonela ngifike kubo ngidle ngisuthe ngize ngilale phansi komthunzi kanti yena uyazi ubuka isilima sakhe ahlela ukusibulala,” usho kanje.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...