Ilanga News
Home 9 Featured 9 Undukankulu ucebisa amakhansela ukugcina izikhundla zawo

Undukankulu ucebisa amakhansela ukugcina izikhundla zawo

by | 18 March 2025


UCEBISE amakhansela ngamaqhinga okuvikela izikhundla zawo, uMnu Thami Ntuli onguNdunankulu waKwaZulu-Natal, ngesikhathi eethula inkulumo emhlanganweni womphakathi obusenkundleni yezemidlalo eMzimkhulu.

Lo mhlangano bekungowokucobelelana ngamaqhinga okulwai nobugebengu obuhlalise lubhojozi imiphakathi yaseNingizimu-Afrika. UNtuli uthe impi yobugebengu idinga ukuba ihlanganyelwe yibona bonke abantu emiphakathini, okuhlanganisa nabaholi bomphakathi.

Uthe sesaphela isikhathi sokuthi amakhansela ahambe ezishaya izifuba ngokwakha amahholo nemigwaqo, wathi ezikhathi zanamuhla kufanele enze izinto ezidingwa wumphakathi.

“Esikhathini sanamuhla sibhekene nempi yobugebengu. Amakhansela kufanele kube yiwona ahamba phambili ekulweni nalesi sihlava.

“Kufanele kube yiwona ahamba phambili ekulweni nodlame lokuhlukunyezwa ngokobulili. Udlame lokuhlukumezana ngokobulili lukhonjwa kakhulu kwabesifazane kanti nawo namadoda ayakhala ngokuhlukunyezwa ngabesifazane. Kamuva nje sisanda kubona i-video yowesifazane ephethe isibhamu edubula ngaso owesilisa.

“Kusukela manje ikhansela elizohamba phambili ekulweni nalesi sihlava liyobe lizifake ezinhliziyweni zabantu. Sesaphela isikhathi sokuzishaya isifuba ngamahholo. Abantu bangena ehholo benze imisebenzi yabo ngaphandle kokubheka ukuthi ubani owakhe ihholo. Yenzani izinto ezizonisondeza kubantu. Lokhu ngikusho ngoba nginesipiliyoni seminyaka eyishumi ngiyikhansela eliphethe iWard,” kuphetha uNtuli.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...