Ilanga News
Home 9 Featured 9 Undukankulu ucebisa amakhansela ukugcina izikhundla zawo

Undukankulu ucebisa amakhansela ukugcina izikhundla zawo

by | 18 March 2025


UCEBISE amakhansela ngamaqhinga okuvikela izikhundla zawo, uMnu Thami Ntuli onguNdunankulu waKwaZulu-Natal, ngesikhathi eethula inkulumo emhlanganweni womphakathi obusenkundleni yezemidlalo eMzimkhulu.

Lo mhlangano bekungowokucobelelana ngamaqhinga okulwai nobugebengu obuhlalise lubhojozi imiphakathi yaseNingizimu-Afrika. UNtuli uthe impi yobugebengu idinga ukuba ihlanganyelwe yibona bonke abantu emiphakathini, okuhlanganisa nabaholi bomphakathi.

Uthe sesaphela isikhathi sokuthi amakhansela ahambe ezishaya izifuba ngokwakha amahholo nemigwaqo, wathi ezikhathi zanamuhla kufanele enze izinto ezidingwa wumphakathi.

“Esikhathini sanamuhla sibhekene nempi yobugebengu. Amakhansela kufanele kube yiwona ahamba phambili ekulweni nalesi sihlava.

“Kufanele kube yiwona ahamba phambili ekulweni nodlame lokuhlukunyezwa ngokobulili. Udlame lokuhlukumezana ngokobulili lukhonjwa kakhulu kwabesifazane kanti nawo namadoda ayakhala ngokuhlukunyezwa ngabesifazane. Kamuva nje sisanda kubona i-video yowesifazane ephethe isibhamu edubula ngaso owesilisa.

“Kusukela manje ikhansela elizohamba phambili ekulweni nalesi sihlava liyobe lizifake ezinhliziyweni zabantu. Sesaphela isikhathi sokuzishaya isifuba ngamahholo. Abantu bangena ehholo benze imisebenzi yabo ngaphandle kokubheka ukuthi ubani owakhe ihholo. Yenzani izinto ezizonisondeza kubantu. Lokhu ngikusho ngoba nginesipiliyoni seminyaka eyishumi ngiyikhansela eliphethe iWard,” kuphetha uNtuli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...