Ilanga News
Home 9 Featured 9 Yengezelwe icala lesithathu lokubulala inkosi yakwaZuma

Yengezelwe icala lesithathu lokubulala inkosi yakwaZuma

by | 9 September 2025

NGUMNU Thabani Hlongwa, nguMnu Khayelihle Shabalala, neNkosi uSimphiwe Zuma ngesikhathi bevele enkantolo.

KUSE ngokunye yethweswa icala lesithathu lokubulala iNkosi yesizwe saKwaNxamalala, eMpendle, ebhekene necala lokubulala ikhansela leDA nowayengundunankulu wesizwe.

INkosi Simphiwe Eric Zuma (56) isolwa ngokubulala umshana wayo uMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu weDA kuMasipala uMngeni ngoZibandlela (December) ka-2023, nokubulala uMnu Qalokunye Zuma owayengundunankulu wesizwe saKwaNxamalala, khona eMpendle.

INkosi Simphiwe Eric Zuma (56) yengezelwe icala lesithathu lokubulala uMnu Xolani Ntombela owayeyilungu lomphakathi, ewabulawa ngo-2022. 

Kuthiwa bobathathu abafi babeyizishoshovu eziphikisana nokuthengiswa komhlaba ngemali eshisiwe eMpophomeni. Izolo ngoMsombuluko inkosi ibivele eNkantolo yeMantshi yaseHowick iyofaka isicelo sokudedelwa ngebheyili, ecaleni lokufa kukaNdlovu. 

Maqondana necala lokubulawa kukaNtombela, inkosi iboshwe noMnu Thembelani Mbatha, okusolakala ukuthi uyinkabi eyasoconga uNtombela. 

Umshushisi omkhulu kuleli cala, u-Advocate Lawrence Gcaba, utshele inkantolo ukuthi uphenyo lwabo selusemaphethelweni futhi basezinhlelweni zokuba kuboshwe umsolwa wesithathu kuleli cala. 

Ecaleni lokubulawa kukaNdlovu, inkosi iboshwe noMnu Thabani Hlongwa, uMnu Khayelihle Shabalala, induna yaseMpophomeni uMnu Zwelithini Buthelezi eyaphenduka ufakazi wombuso kuleli cala, noMnu Thabo Mathonsi okuvela ukuthi wahlela ukubulawa kukamufi esejele laseWestville. 

Icala lihlehliselwe uMsombuluko okuyilapho khona kuzohlelwa usuku lokulalelwa kwesicelo sokudedelwa ngebheyili kwenkosi. Uphenyo lalawa macala luholwa wuphiko oluphenya amacala athinta ukubulawa kosopolitiki nabaholi bomphakathi esifundazweni. 

Inkosi ishaqwe ngamaphoyisa aphenya lawa macala isemzini wayo ngenyanga eyedlule.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...