Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uchazwa njengenkakha umlingisi odlule emhlabeni

Uchazwa njengenkakha umlingisi odlule emhlabeni

by | 22 December 2024

LUCKY CAIN

UCHAZWA njengomuntu obeyinkakha emsebenzini wakhe futhi ezifela ngomndeni nezingane umlingisi uMichelle Botes ozakhele udumo emdlaweni owuchungechunge Isidingo.

Izindaba zokudlula emhlabeni zikaMichelle zisabalale ngoMgqibelo. Udlule emhlabeni ngemuva kokuhlaselwa yisifo somdlavuza wegazi.

Ubengomunye wabalingisi abaphambili emdlalweni Isidingo njengoba ebedlala indawo kaCherel de Villierss-Hines.Uke wahlabana izikhawu ngendondo yeBest Actress emcimbini yokuklomelisa abalingisi eyahlukene.

Uzakwabo kaMichelle kwiSidingo uJack Devnarain owabe edlala indawo kaRajesh Kumar kulo mdlalo umchaze njengenkakha kwezikamabonakude.

Ubekhuluma esiteshini sikamabonakude sezindaba i-eNCA lapho eveze ukuthi ngesikhathi belingisa kulo mdlalo ubengomunye wabebebukela kubo.

Uthe uMichelle ubezinikela emsebenzini wakhe futhi ekukhonzile nokucobelela abanye ozakwabo ngalo mkhakha.

Ngaphandle komsebenzi umchaze njengomunte obezifela ngomndeni wakhe futhi ezithanda nezingane.

UJack uthe umkhakha wezikamabonakude ulahlekelwe ngalo mlingisi obengaconsi phansi kubathandi bezinhlelo zikamabonakude.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...