Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uchazwa njengenkakha umlingisi odlule emhlabeni

Uchazwa njengenkakha umlingisi odlule emhlabeni

by | 22 December 2024

LUCKY CAIN

UCHAZWA njengomuntu obeyinkakha emsebenzini wakhe futhi ezifela ngomndeni nezingane umlingisi uMichelle Botes ozakhele udumo emdlaweni owuchungechunge Isidingo.

Izindaba zokudlula emhlabeni zikaMichelle zisabalale ngoMgqibelo. Udlule emhlabeni ngemuva kokuhlaselwa yisifo somdlavuza wegazi.

Ubengomunye wabalingisi abaphambili emdlalweni Isidingo njengoba ebedlala indawo kaCherel de Villierss-Hines.Uke wahlabana izikhawu ngendondo yeBest Actress emcimbini yokuklomelisa abalingisi eyahlukene.

Uzakwabo kaMichelle kwiSidingo uJack Devnarain owabe edlala indawo kaRajesh Kumar kulo mdlalo umchaze njengenkakha kwezikamabonakude.

Ubekhuluma esiteshini sikamabonakude sezindaba i-eNCA lapho eveze ukuthi ngesikhathi belingisa kulo mdlalo ubengomunye wabebebukela kubo.

Uthe uMichelle ubezinikela emsebenzini wakhe futhi ekukhonzile nokucobelela abanye ozakwabo ngalo mkhakha.

Ngaphandle komsebenzi umchaze njengomunte obezifela ngomndeni wakhe futhi ezithanda nezingane.

UJack uthe umkhakha wezikamabonakude ulahlekelwe ngalo mlingisi obengaconsi phansi kubathandi bezinhlelo zikamabonakude.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...